Dlulela kokuphakathi

“Shumayela Izindaba Ezinhle!”

UMhlangano Wesifunda WoFakazi BakaJehova Ka-2024

Kungenwa mahhala Akukolekwa zimali kubantu

Amazwibela Omhlangano

NgoLwesihlanu: Thola ubufakazi bokuthi izindaba ezinhle eziphathelene noJesu ezisemaVangelini ziwumlando onembile wokuphila kwakhe. Zizwele ukuthi lokhu kulandisa kweBhayibheli kungasizuzisa kanjani namuhla.

NgoMgqibelo: Yini eyaprofethwa ngokuzalwa kukaJesu nangalokho okwakuyokwenzeka lapho eseyingane, futhi ingabe lezo ziprofetho zagcwaliseka ngempela?

NgeSonto: Enkulumweni esekelwe eBhayibhelini enesihloko esithi “Isizathu Sokuba Singazesabi Izindaba Ezimbi,” thola ukuthi kungani izigidi zabantu namuhla zinezizathu zokuzizwa zilondekile futhi zinethemba naphezu kwezimo zezwe eziya ziba zimbi.

Idrama Ebukelwayo

Izindaba Ezinhle NgokukaJesu: Isiqephu 1

Ukukhanya Kwezwe Kweqiniso

Ukuzalwa kukaJesu okuyisimangaliso kwakuyisenzakalo sokuqala kweziningi ezibabazekayo ezenzeka lapho esemncane. Abazali bakhe bamthatha baya naye eGibhithe ukuze bamsindise enkosini eyayifuna ukumbulala. Kamuva, wamangaza abanye abafundisi abahlonishwayo bangosuku lwakhe. Bukela lezi zenzakalo nezinye esiqeshini esinezingxenye ezimbili ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Bukela la mavidiyo alandelayo amayelana nomhlangano wesifunda walo nyaka

Kwenzekani Emihlanganweni Yethu Yesifunda?

Thola ukuthi yini okufanele uyilindele emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova.

UMhlangano Wesifunda WoFakazi BakaJehova Ka-2024, othi: “Shumayela Izindaba Ezinhle!”

Hlola uhlelo lomhlangano wesifunda walo nyaka.

Amazwibela Edrama Ebukelwayo: Izindaba Ezinhle NgokukaJesu

Abantu abaningi bayazi ngokuzalwa kukaJesu okuyisimangaliso. Kodwa yiziphi izenzakalo ezenzeka ngaphambi nangemva kwaleso senzakalo esivusa amadlingozi?