Dlulela kokuphakathi

Amabalengwe EBhayibheli

Amabalengwe EBhayibheli

IBhayibheli liyincwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke emlandweni futhi abantu abaningi bayalithanda. Nokho, ungase uzibuze, ‘Ikhuluma ngani le ncwadi edumile?’

Incwajana ethi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? isinikeza amabalengwe eBhayibheli angakusiza ukuba uqonde ukuthi iBhayibheli lilonke likhuluma ngani. Le ncwajana isinika amazwibela alokho okuseBhayibhelini, kusukela encwadini kaGenesise ekhuluma ngokudalwa kuye encwadini yesAmbulo ekhuluma ngethemba elimangalisayo lekusasa. Le ncwajana ineshadi elibonisa ukuthi izenzakalo ezibalulekile zenzeka nini. Inanemidwebo emihle kanye nemibuzo eshukumisa ingqondo eningaxoxa ngayo.

Funda incwajana ethi IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo? ku-inthanethi.