Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

IHubo 23:4—“Noma Ngihamba Esigodini Sethunzi Lokufa”

IHubo 23:4—“Noma Ngihamba Esigodini Sethunzi Lokufa”

 “Noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho kuyangiduduza.”—IHubo 23:4, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi lutho olubi: ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho kuyangiduduza.”​—IHubo 23:4, King James Version.

Incazelo YeHubo 23:4 a

 Labo abakhonza uNkulunkulu bajabulela isivikelo sakhe—nakuba bebhekana nezimo ezinzima. Leli vesi lisebenzisa umfanekiso wemvu enakekelwa umalusi ukuze libonise indlela uNkulunkulu anakekela ngayo abamkhonzayo. b Akwenzeki bazizwe besele bodwa ngisho noma bebhekene nezimo ezinzima, ezichazwe kuleli vesi njengethunzi elimnyama noma ukuba sengozini yokufa. Bazizwa bephephile, njengokungathi uNkulunkulu ukanye nabo.

 Ngezikhathi zeBhayibheli umalusi wayesebenzisa induku yakhe ukuze avikele izimvu ezilwaneni eziyingozi. Wayesebenzisa nodondolo, ngokuvamile olwaluba yinduku ende enesibambo esigobile, ukuze aqondise izimvu noma aziqhelise engozini. Ngendlela efanayo, uJehova uNkulunkulu unjengoMalusi onothando, ovikela futhi aqondise labo abamkhulekelayo. Ngisho nalapho bebhekene nezinsuku ezinzima ekuphileni, uJehova uyabanakekela ngezindlela ezihlukahlukene.

  •   Uyabafundisa, aphinde abaduduze esebenzisa iZwi lakhe iBhayibheli.—Roma 15:4.

  •   Ulalela imithandazo yabo, abaphe ukuthula kwengqondo nokuzola kwangaphakathi.—Filipi 4:6, 7.

  •   Usebenzisa abanye abakhonza nabo ukuze babakhuthaze.—Hebheru 10:24, 25.

  •   Ubaqinisekisa ngekusasa elingcono lapho eyolungisa zonke izinto ezimbi ababhekana nazo.—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3-5.

Umongo WeHubo 23:4

 IHubo 23 labhalwa uDavide owayengumalusi esemncane, wabe eseba yinkosi yesizwe sakwa-Israyeli wasendulo. (1 Samuweli 17:34, 35; 2 Samuweli 7:8) Leli hubo liqala ngokuchaza uJehova njengoMalusi ohola, ondle futhi enze abamkhonzayo bazizwe bevuselelekile njengoba nomalusi enza ezimvwini zakhe.—IHubo 23:1-3.

 KuyiHubo 23:4, lapho egcizelela indlela uJehova avikela ngayo, uDavide uyashintsha, akabe esakhuluma ngoNkulunkulu, kodwa ukhuluma naye. Lolo shintsho lugcizelela indlela uDavide ayesondelene ngayo noJehova. UDavide wayazi ukuthi uNkulunkulu uyamkhathalela, nokuthi wayebazi ubunzima ayebhekene nabo. Ngenxa yalokho, uDavide wayengasabi lutho olubi.

 Emavesini amabili alandelayo eHubo 23, ivesi 5 no-6, akube kusasetshenziswa umfanekiso kamalusi nezimvu, kodwa kusetshenziswa umfanekiso womuntu nesimenywa sakhe. Njengoba kungenza umuntu ophanayo, uJehova uphatha uDavide njengesimenywa esibalulekile. Ngisho nezitha zikaDavide azinawo amandla okumvimbela ukuba anganakekelwa uNkulunkulu. Ekuphetheni kwaleli hubo, uDavide uzwakalisa ukuqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyoba muhle kuye futhi amthande ukuphila kwakhe konke.

 Inkulumo esamfanekiso esetshenziswe kuyiHubo 23 ichaza indlela uNkulunkulu aqhubeka enakekela ngayo ngothando labo abamkhonzayo.—1 Petru 2:25.

a Kwamanye amaBhayibheli leli yiHubo 22. Nakuba amaHubo engu-150 uma esephelele, amanye amaBhayibheli abhala izahluko zawo ngendlela yombhalo wesiHebheru wamaMasorete, kuyilapho amanye ebhala izahluko zawo ngendlela evumelana ne-Septuagint yesiGreki, eyinguqulo yemibhalo yesiHebheru eyaqedwa ukuhunyushwa ngekhulu lesibili B.C.E.

b EBhayibhelini, uNkulunkulu ogama akhe linguJehova uvame ukuvezwa njengoMalusi onozwela. Abamkhonzayo abafaniswa nezimvu babheke kuyena ukuze abanakekele futhi abavikele.—IHubo 100:3; Isaya 40:10, 11; Jeremiya 31:10; Hezekeli 34:11-16.