Dlulela kokuphakathi

Liyini IBhabhiloni Elikhulu?

Liyini IBhabhiloni Elikhulu?

Impendulo YeBhayibheli

IBhabhiloni elikhulu, elichazwe encwadini yeSambulo, inkolo yamanga iyonke, uNkulunkulu ayilahlayo. a (IsAmbulo 14:8; 17:5; 18:21) Nakuba lezo zinkolo zihluka kwenye nenye, zizonke zidedisela abantu kude noNkulunkulu weqiniso, uJehova.​—Duteronomi 4:​35.

Izindlela Zokubona IBhabhiloni Elikhulu

  1. IBhabhiloni Elikhulu liwuphawu. IBhayibheli lilichaza ‘njengowesifazane’ ‘oyisifebe esikhulu,’ onegama “imfihlakalo: ‘IBhabhiloni Elikhulu.’” (IsAmbulo 17:​1, 3, 5) Incwadi yeSambulo yethulwe ngezibonakaliso, ngakho kunengqondo ukuphetha ngokuthi iBhabhiloni Elikhulu liwuphawu, hhayi owesifazane ongokoqobo. (IsAmbulo 1:1) Ngaphezu kwalokho, ‘uhlala phezu kwamanzi amaningi,’ amelela “abantu nezixuku nezizwe nezilimi.” (IsAmbulo 17:​1, 15) Owesifazane ongokoqobo ngeke akwazi ukukwenza lokho.

  2. IBhabhiloni Elikhulu limelela izinkolo ezikhona emhlabeni wonke. Libizwa ngokuthi “umuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.” (IsAmbulo 17:18) Kungakho, linenkululeko nethonya emhlabeni.

  3. IBhabhiloni Elikhulu liyinhlangano yenkolo, hhayi yezombusazwe noma yezentengiselwano. IBhabhiloni lasendulo laliwumuzi ogxile enkolweni, laziwa ngokusebenzisa kwalo ‘iziphonso nobuthakathi.’ (Isaya 47:​1, 12, 13; Jeremiya 50:​1, 2, 38) Empeleni, inkolo yamanga eyayiqhutshwa lapho yayimelene noNkulunkulu weqiniso, uJehova. (Genesise 10:​8, 9; 11:​2-4, 8) Ababusi baseBhabhiloni ngokuqhosha baziphakamisa ngaphezu kukaJehova nokukhulekelwa kwakhe. (Isaya 14:​4, 13, 14; Daniyeli 5:​2-4, 23) Ngokufanayo, iBhabhiloni Elikhulu laziwa ‘ngokusebenzisa kwalo imimoya.’ Lokho kulibonisa liyinhlangano yezenkolo.​—IsAmbulo 18:23.

    IBhabhiloni Elikhulu aliyona inhlangano yezombusazwe ngoba “amakhosi omhlaba” ayalililela lapho libhujiswa. (IsAmbulo 17:​1, 2; 18:9) Aliwona futhi umbuso wezentengiselwano, ngoba iBhayibheli liyalihlukanisa ‘kubathengisi bomhlaba.’​—IsAmbulo 18:11, 15.

  4. Itshe eliqoshiwe laseBhabhiloni elinomfanekiso weNkosi uNabonidasi nezimpawu zonkulunkulu abathathu uSin, u-Ishtar noShamash

    IBhabhiloni Elikhulu liyimelela kahle inkolo yamanga. Kunokuba ifundise abantu ukuba basondele kuNkulunkulu weqiniso, uJehova, inkolo yamanga iholela abantu ukuba bakhonze abanye onkulunkulu. IBhayibheli libiza lokhu ngobufebe obungokomoya. (Levitikusi 20:6; Eksodusi 34:15, 16) Izinkolelo ezifana noziqu-zintathu, umphefumulo ongafi nokusetshenziswa kwezithombe lapho kukhulekela zisuka eBhabhiloni lasendulo futhi ziyaqhubeka zisakaza inkolo yamanga. Lezi zinkolo nazo zihlanganisa ukukhulekela kwazo nothando lwezwe. IBhayibheli libhekisela kulokhu kungathembeki njengobufebe obungokomoya.​—Jakobe 4:4

    Ingcebo nokuzigabisa kwenkolo yamanga kuhambelana nalokho okushiwo iBhayibheli ngeBhabhiloni Elikhulu, ‘elalivunule ngokunsomi nokubomvu, lihlobe ngegolide nangetshe eliyigugu nangamaparele.’ (IsAmbulo 17:4) IBhabhiloni Elikhulu liwumnyombo “wezinengiso zomhlaba,” noma izimfundiso nezenzo zokungamhloniphi uNkulunkulu. (IsAmbulo 17:5) Amalungu enkolo yamanga “abantu nezixuku nezizwe nezilimi” abasekela iBhabhiloni Elikhulu.​—IsAmbulo 17:15.

IBhabhiloni Elikhulu liyimbangela yokufa kwabo “bonke abaye babulawa emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Kuwo wonke umlando, inkolo yamanga ayiqalanga nje kuphela izimpi nokukhuthaza izenzo zokuphekula kodwa iye yahluleka ukufundisa abantu ngoJehova, uNkulunkulu wothando. (1 Johane 4:8) Lokhu kuhluleka kube nomthelela ekuchithekeni kwegazi eliningi. Kungakho, labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe, ‘baphume kulo.’​—IsAmbulo 18:4; 2 Korinte 6:​14-17.

a Bheka isihloko esithi “Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?