Dlulela kokuphakathi

Ingabe iBhayibheli Liyincwadi Yabelungu?

Ingabe iBhayibheli Liyincwadi Yabelungu?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alibhalwanga abantu baseYurophu. Bonke abantu uNkulunkulu abasebenzisa ukuba balobe iBhayibheli babengabase-Asia. IBhayibheli aliphakamisi uhlanga oluthile njengolungcono kunolunye. Empeleni, lithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.