Dlulela kokuphakathi

Liyini Ichibi Lomlilo? Ingabe Liyafana Nesihogo Noma NeGehena?

Liyini Ichibi Lomlilo? Ingabe Liyafana Nesihogo Noma NeGehena?

Impendulo yeBhayibheli

Ichibi lomlilo lifanekisela ukubhujiswa kwaphakade. Liyafana neGehena, kodwa alisona isihogo, okuyithuna elivamile lesintu.

Akulona ichibi elingokoqobo

Amavesi eBhayibheli amahlanu akhuluma ‘ngechibi lomlilo’ abonisa ukuthi akulona ichibi elingokoqobo kodwa lifanekisela okuthile. (IsAmbulo 19:20; 20:10, 14, 15; 21:8) Izinto ezilandelayo ziphonswa echibini lomlilo:

Umfanekiso wokubhujiswa kwaphakade

IBhayibheli lithi ichibi lomlilo “lisho ukufa kwesibili.” (IsAmbulo 20:14; 21:8) Ukufa kokuqala okukhulunywa ngakho eBhayibhelini kwabangelwa isono sika-Adamu. Lokhu kufa kuyolungiswa ngovuko futhi ekugcineni kuyoqedwa uNkulunkulu.—1 Korinte 15:21, 22, 26.

Akukho ukukhululwa echibini lomlilo elingokomfanekiso

Ichibi lomlilo lifanekisela uhlobo lokufa oluhlukile, noma ukufa kwesibili. Nakuba nakho kufanekisela isimo sokungenzi lutho, kuhlukile ngoba iBhayibheli alisho lutho ngovuko ngemva kokufa kwesibili. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uJesu “unezihluthulelo zokufa nezeHayidese,” okubonisa ukuthi unegunya lokukhulula abantu ekufeni okwalethwa isono sika Adamu. (IsAmbulo 1:18; 20:13 IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Nakuba kunjalo, akukho muntu onesihluthulelo sechibi lomlilo ngisho noJesu imbala. Lelo chibi elingokomfanekiso limelela ukujeziswa kwaphakade ngokubhujiswa kwaphakade.—2 Thesalonika 1:9.

IsiGodi sikaHinomu, sifana NeGehena

Kukhulunywa ngeGehena (ngesiGreki geʹen·na) izikhathi ezingu-12 eBhayibhelini. Njengechibi lomlilo, lifanekisela ukubhujiswa kwaphakade. Nakuba ezinye izinguqulo zihumusha leli gama ngokuthi “isihogo,” iGehena akusona isihogo (ngesiHebheru sheʼohlʹ, ngesiGreki haiʹdes).

IsiGodi sikaHinomu

Ngokwezwi nezwi, igama elithi “Gehena” lisho “isiGodi sikaHinomu,” isigodi esingaphandle nje kweJerusalema. Ezikhathini zeBhayibheli, izakhamuzi zalowo muzi zazisebenzisa lesi sigodi njengendawo yokulahla udoti. Zazigcina umlilo uvutha ukuze ushise udoti, konke okunye okwakungashiswanga umlilo kwakudliwa izimpethu.

UJesu wasebenzisa iGehena njengomfanekiso wokubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 23:33) Wathi eGehena ‘impethu ayifi futhi umlilo awucimi.’ (Marku 9:​47, 48) Waphinde wabhekisela ezimweni zasesiGodini sikaHinomu nasesiprofethweni esiku-Isaya 66:24, esithi: “Bayophuma babuke izidumbu zabantu ababeqa umthetho wami; ngoba izibungu ezikubo ngeke zife nomlilo wabo ngeke ucime.” Umfanekiso kaJesu awukhulumi ngokuhlushwa, kodwa ukhuluma ngokubhujiswa ngokuphelele. Izibungu nomlilo kuyodla izidumbu, noma abantu abafile, hhayi abantu abaphilayo.

IBhayibheli alikhulumi lutho ngokubuya eGehena. “Ichibi lomlilo” ‘neGehena lomlilo,’ kokubili kumelela ukubhujiswa phakade.—IsAmbulo 20:14, 15; 21:8; Mathewu 18:9.

‘Bayohlushwa kanjani imini nobusuku kuze kube phakade naphakade’?

Uma ichibi lomlilo limelela ukubhujiswa, kungani iBhayibheli lithi uDeveli, isilo sasendle, nomprofethi wamanga “bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade”? (IsAmbulo 20:10) Cabanga ngezizathu ezine zokuthi kungani lokhu kuhlushwa kungabhekiseli ekuhlushweni okungokoqobo:

  1. Ukuze uDeveli ahlushwe kuze kube phakade, kuyodingeka ukuba agcinwe ephila kuze kube phakade. Nokho, iBhayibheli lithi uyokwenziwa ize, noma ngeke esaba khona.—Hebheru 2:14.

  2. Ukuphila okuphakade isipho esivela kuNkulunkulu, akusona isijeziso.—Roma 6:23.

  3. Isilo sasendle nomprofethi wamanga imifanekiso, futhi ngeke kwahlushwa kuze kube phakade.

  4. Umongo weBhayibheli ubonisa ukuthi uDeveli uyohlushwa ngokuvinjelwa noma ngokubhujiswa kwaphakade.

Igama elisetshenzisiwe eBhayibhelini elithi “ukuhlushwa,” lingase lisho “nesimo sokuvinjelwa.” Ngokwesibonelo igama lesiGreki elithi ‘abahluphi’ elisetshenziswe kuMathewu 18:34, lihunyushwe ngokuthi ‘abagcini bejele’ ezinguqulweni eziningi, okubonisa ukuxhumana phakathi kwegama elithi “ukuhlushwa” nelithi ‘ukuvinjelwa.’ Ngokufanayo, ukulandisa okufanayo okukuMathewu 8:29 noLuka 8:30, 31, kufanisa “ukuhlushwa” ‘nakwalasha,’ indawo engokomfanekiso yokungenzi lutho noma ukufa. (Roma 10:7; IsAmbulo 20:1, 3) Empeleni, incwadi yesAmbulo isebenzisa igama elithi “ukuhlushwa” ngomqondo ongokomfanekiso izikhathi eziningana.—IsAmbulo 9:5; 11:10; 18:7, 10.