Dlulela kokuphakathi

Ingabe Okubhalwe EBhayibhelini Kuye Kwashintshwa?

Ingabe Okubhalwe EBhayibhelini Kuye Kwashintshwa?

Cha. Uma siqhathanisa iBhayibheli esinalo manje namakhophi alo abhalwa kudala, kuyabonakala ukuthi nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka lilokhu likopishwa, okukulo akushintshile.

Ingabe lokhu kusho ukuthi awekho amaphutha enziwa lapho likopishwa?

Maningi amakhophi eBhayibheli akudala atholakele ayebhalwe ngesandla. Amanye awo awafani ncamashi, okubonisa ukuthi akhona amaphutha enzeka lapho ekopishwa. Izikhathi eziningi umahluko mncane futhi awuwushintshi umqondo walokho okubhaliwe. Nokho, akhona amavesi ambalwa okubonakala sengathi ashintshwa ngamabomu ukuze kushintshwe lokho okushiwo iBhayibheli. Nazi izibonelo ezimbili:

  1. Kwamanye amaBhayibheli akudala, eyoku-1 Johane 5:7, inamazwi athi: “ezulwini, uBaba, uLizwi, noMoya Ongcwele: futhi laba abathathu bamunye.” Nokho, imiBhalo yesandla yakudala ethenjwayo, iyasiqinisekisa ukuthi la mazwi ayengekho eBhayibhelini lokuqala. Afakwa kamuva. a Yingakho amaBhayibheli amuva engawafaki la mazwi.

  2. Igama likaNkulunkulu livela izikhathi eziningi emibhalweni yeBhayibheli yesandla yakudala. Noma kunjalo, amaBhayibheli amaningi alisusile, afaka amagama athi “Nkosi” noma “Nkulunkulu.”

Singaqiniseka kanjani ukuthi awekho amanye amaphutha asazotholakala?

Njengamanje, sekutholakale imiBhalo yeBhayibheli eminingi yakudala, okwenza kube lula ukubona amaphutha. b Yini etholakele lapho kuhlolwa le mibhalo mayelana nokuthi iBhayibheli alinawo yini amaphutha?

  • Isazi uWilliam H. Green sisho lokhu mayelana nemiBhalo yeBhayibheli (evame ukubizwa ngokuthi “iTestamente Elidala”): “Singasho kugcwale umlomo ukuthi awukho omunye umBhalo wakudala onembe okudlula lo.”

  • Mayelana nemiBhalo yesiGreki evame ukubizwa ngokuthi “iTestamente Elisha,” isazi u F. F. Bruce sisho lokhu: “ITestamente Elisha linobufakazi obuningi ukwedlula eminye imiBhalo yakudala eyalotshwa abantu abadumile okungekho muntu ongabazayo ukuthi iyiqiniso.”

  • USir Frederic Kenyon oyisazi esihlonishwayo semiBhalo yeBhayibheli yesandla yakudala uthi umuntu “angalibamba iBhayibheli asho ngeqholo ukuthi uphethe iZwi likaNkulunkulu osekuphele amakhulu eminyaka lidluliselwa kwesinye isizukulwane kuya kwesinye ngaphandle kukushintshwa.”

Iziphi ezinye izizathu esinazo zokuqiniseka ngokuthi iBhayibheli esinalo manje alizange lishintshwe lapho likopishwa?

  • Abakopishi abangamaJuda nabangamaKristu babhala ngisho amaphutha enziwa abantu bakaNkulunkulu. c (Numeri 20:12; 2 Samuweli 11:2-4; Galathiya 2:11-14) Babhala nokuthi isizwe samaJuda salahlwa ngenxa yokungalaleli futhi baveza nezinkolelo zabantu ezingelona iqiniso. (Hoseya 4:2; Malaki 2:8, 9; Mathewu 23:8, 9; 1 Johane 5:21) Ukuthi lezo zingxenye bazikopisha njengoba zinjalo, kubonisa ukuthi babethembekile futhi belihlonipha iZwi likaNkulunkulu elingcwele.

  • Njengoba kunguNkulunkulu owayeqondisa abantu ababhala iBhayibheli, ngeke yini salindela ukuthi wayezoqikelela ukuba likopishwe ngokunembile? d (Isaya 40:8; 1 Petru 1:24, 25) Kakade, wayengahlosile ukuthi lisize abantu bakudala kuphela, kodwa wayefuna lisisize nathi namuhla. (1 Korinte 10:11) Eqinisweni, “zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”​—Roma 15:4.

  • UJesu nabafundi bakhe, abazange bakhathazeke ngokuthi kungenzeka amakhophi eBhayibheli ababenawo ayenganembile, kunalokho lapho bekhuluma babesho izinto ababezithathe kulawo makhophi.​—Luka 4:16-21; IzEnzo 17:1-3.

a La mazwi awekho kuyiCodex Sinaiticus, nakuyiCodex Alexandrinus, nakuyiVatican Manuscript 1209, nakuyi-Vulgate yokuqala yesiLatini, nakuyiPhiloxenian-Harclean Syriac Version noma kuyi-Peshitta yesiSyriac.

b Ngokwesibonelo, kuye kwatholakala imiBhalo yesandla yesiGreki engaphezu kuka-5000 yalokho okubizwa ngokuthi iTestamente Elisha noma imiBhalo yamaKristu yesiGreki.

c IBhayibheli alisho ukuthi labo abasetshenziswa uNkulunkulu abanawo amaphutha. Liyavuma ukuthi: “Akekho umuntu ongoni.”​—1 AmaKhosi 8:​46.

d IBhayibheli lithi nakuba uNkulunkulu engazange atshele abalobi beBhayibheli igama negama lalokho okwakumelwe bakubhale, uyena owabanika umqondo wokuthi yini okwakumelwe bayibhale.​—2 Thimothewu 3:16, 17; 2 Petru 1:21.