Dlulela kokuphakathi

Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?

Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?

Impendulo yeBhayibheli

Umthetho othi “iso ngeso,” uyingxenye yemithetho uNkulunkulu ayidlulisela ngoMose ku-Israyeli wasendulo futhi noJesu wakhuluma ngawo eNtshumayelweni yakhe YaseNtabeni. (Mathewu 5:38; Eksodusi 21:24, 25; Duteronomi 19:21) Wawusho ukuthi lapho umuntu enze okubi, isijeziso asitholayo kumelwe silingane nobubi abenzile. a

Lo mthetho wawusebenza lapho umuntu enze okubi komunye ngamabomu. Ngokuphathelene nomuntu owayone ngamabomu, umthetho kaMose wawuthi: “Ukuvaveka ngokuvaveka, iso ngeso, izinyo ngezinyo; lolo hlobo lwesici angase alwenze kumuntu, yilo okufanele lwenziwe nakuye.”—Levitikusi 24:20.

 Sasiyini isizathu somthetho othi “iso ngeso”?

Umthetho othi “iso ngeso” wawunganikezi abantu ilungelo lokuba baziphindiselele. Kunalokho, wawusiza amajaji ayebekiwe ukuba akwazi ukukhipha isijeziso esifanele, singabi esiqine kakhulu noma esithambe kakhulu.

Lo mthetho wawusiza nabantu ukuba bagweme ukwenza okubi kwabanye ngamabomu. Umthetho wawuthi: “Labo abasele [labo ababona kukhishwa izahlulelo ezivela kuNkulunkulu] bayozwa futhi besabe, futhi ngeke baphinde benze noma yini embi enjengale phakathi kwenu.”—Duteronomi 19:20.

 Ingabe umthetho othi “iso ngeso” uyasebenza kumaKristu?

Cha, lo mthetho awusebenzi kumaKristu. Wawuyingxenye yomthetho kaMose owaphela lapho uJesu enikela ngokuphila kwakhe.​—Roma 10:4.

Noma kunjalo, lo mthetho usisiza siqonde indlela uNkulunkulu acabanga ngayo. Ngokwesibonelo, usisiza sibone ukuthi uNkulunkulu uyabuthanda ubulungisa. (IHubo 89:14) Usibonisa nokuthi uNkulunkulu ufuna abenzi bokubi bajeziswe “ngezinga elifanelekile.”—Jeremiya 30:11.

 Imibono eyiphutha ngomthetho othi “iso ngeso”

Amanga: Umthetho othi “iso ngeso” wawunonya.

Iqiniso: Lo mthetho wawungagunyazi ukuba nesihluku. Kunalokho, ukusetshenziswa kahle kwalo mthetho kwakusho ukuthi amajaji ayezokhipha isijeziso ngemva kokuba esecabangele konke okwakuhilelekile nokuthi lowo muntu wayone ngamabomu yini. (Eksodusi 21:28-30; Numeri 35:22-25) Ngakho lo mthetho wawusiza ukuba kungakhishwa isijeziso esinonya.

Amanga: Umthetho othi “iso ngeso” wawukhuthaza abantu ukuba balokhu beziphindiselela.

Iqiniso: UMthetho kaMose wawuthi: “Ungaphindiseli noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu.” (Levitikusi 19:18) Kunokuba ukhuthaze abantu ukuba baziphindiselele, lo Mthetho wawukhuthaza abantu ukuba bathembe uNkulunkulu kanye nendlela ayeyisebenzisa ukuze ahlukanise okulungile nokungalungile.​—Duteronomi 32:35.

a Kwezomthetho, lokhu kuphinde kubizwe ngegama lesiLatini elithi lex talionis, futhi ikhona neminye imiphakathi yasendulo eyayisebenzisa umthetho ofanayo.