Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokukipita?

Lithini IBhayibheli Ngokukipita?

Impendulo YeBhayibheli

 IBhayibheli lithi uNkulunkulu ufuna ‘sidede ekuziphatheni kabi ngokocansi.’ (1 Thesalonika 4:3) Ngendlela asetshenziswe ngayo eBhayibhelini, amagama athi ‘ukuziphatha kabi ngokocansi’ ahlanganisa ukuphinga, izenzo zocansi ezenziwa abantu bobulili obufanayo, ukuya ocansini kwendoda nowesifazane abangashadile.

 Kungani uNkulunkulu enendaba nokuthi abantu abathandanayo bayashada yini?

  •   Ilungiselelo lomshado livela kuNkulunkulu. Nguye owaqala umshado lapho eshadisa indoda nowesifazane bokuqala. (Genesise 2:22-24) Kwakungeyona inhloso yakhe ukuba indoda nowesifazane bahlale ndawonye bebe bengashadile.

  •   UNkulunkulu uyazi ukuthi yini elungele abantu. UNkulunkulu wahlela umshado ngendlela yokuthi ube isibopho esihlala njalo esiphakathi kwendoda nowesifazane, esiyozuzisa futhi sivikele wonke amalungu omndeni. Nasi isibonelo esilula. Njengoba iziqondiso ezivela kumbazi zingasiza umuntu abone ukuthi angayihlanganisa kanjani ifenisha ngendlela efanele, kanjalo neziqondiso zikaNkulunkulu zisitshela ukuthi yini esingayenza ukuze sibe nemindeni ejabulayo. Imiyalo kaNkulunkulu ihlale ibasiza labo abayilalelayo.—Isaya 48:17, 18.

    Iziqondiso zombazi ziyakubonisa ukuthi kufanele uyihlanganise kanjani ifenisha. Iziqondiso zikaNkulunkulu ziyasitshela ukuthi singawenza kanjani umndeni wethu ujabule

  •   Kungaba nezinkinga ezinkulu lapho abantu benza ucansi bengashadile. Ngokwesibonelo, omunye engakhulelwa engahlelile, izifo ezithathelana ngocansi, nezinkinga ezinkulu ezingokomzwelo. a

  •   UNkulunkulu wenza ukuba indoda nowesifazane babe nezingane lapho benza ucansi. Ukuphila kuNkulunkulu kungcwele nekhono lokuzala izingane liyisipho esiyigugu. UNkulunkulu ufuna siphathe lesi sipho ngenhlonipho, sibonise lokhu ngokuthi silazise ilungiselelo lomshado.—Hebheru 13:4.

 Lithini iBhayibheli ngabantu abakipitayo ngoba befuna ukubona ukuthi bayafanelana yini?

 Ukuze sibe nomshado ojabulisayo akudingeki ukuba sihlale ndawonye isikhathi esithile sibe singakashadi. Kunalokho, buyafudumala ubudlelwane lapho indoda nowesifazane bethandana ngempela, benesibopho esiqinile futhi besizana ukuze basombulule izinkinga. b Umshado uyaqina lapho abashadile benyamanye.—Mathewu 19:6.

 Indoda nenkosikazi ingawenza kanjani umshado wabo uqine?

 Awukho umshado ongenazinkinga. Kodwa indoda nowesifazane bangakwazi ukuba nomshado ojabulisayo uma besebenzisa iseluleko seBhayibheli. Nazi ezinye izeluleko:

a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Ngicindezelwa Ukuba Ngilale Nothile?

b Bheka isihloko esithi “Ukuzinikela—kwi-Phaphama! No. 2.”