Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Umhlaba Uyisicaba?

Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi Umhlaba Uyisicaba?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, iBhayibheli alifundisi ukuthi umhlaba uyisicaba. a IBhayibheli aliyona incwadi yesayensi. Kodwa akukho eBhayibhelini okuphikisana nezinto ezifundiswa isayensi okunobufakazi bokuthi ziyiqiniso. Okushiwo iBhayibheli ‘kuhlale kuthembekile kuze kube nini nanini.’​—IHubo 111:8.

 Lisho ukuthini iBhayibheli uma lithi “emikhawulweni yomine yomhlaba”?

EBhayibhelini inkulumo ethi “emikhawulweni yomine yomhlaba” nethi “emikhawulweni yomhlaba,” ayisho ukuthi umhlaba uyisikwele noma kukhona lapho ofike uphele khona. (Isaya 11:12; Jobe 37:3) Kunalokho, kumane kuyizingathekiso ezibhekisela emhlabeni uwonke. IBhayibheli lisuke lichaza into efanayo lapho likhuluma ‘ngempumalanga nentshonalanga, nenyakatho neningizimu.’​—Luka 13:29.

Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “emikhawulweni,” liyisisho esisuselwa egameni elichaza “amaphiko.” I-International Standard Bible Encyclopedia ithi, ngenxa yokuthi inyoni isebenzisa amaphiko ayo ukuze imboze amachwane ayo, leli gama lisiHebheru lisetshenziswa ukuze lichaze amaphethelo anoma yini eluliwe. Le ncwadi iphinde ithi kuJobe 37:3; naku-Isaya 11:12, “leli gama lichaza izilwandle, imingcele noma izindawo ezikude kakhulu zomhlaba.” b

 Kwenzekani ngesikhathi uDeveli elinga uJesu?

Ukuze alinge uJesu, “uDeveli waphinde wamthatha waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Mathewu 4:8) Abanye bathi le ndaba yeBhayibheli ibonisa ukuthi umhlaba uyisicaba, kunendawo ongaya kuyo ukuze uwubone wonke. Nokho, ‘intaba ephakeme ngokungajwayelekile’ okukhulunywa ngayo kule ndaba akuyona intaba ekhona ngempela, kumane kuyisingathekiso. Nazi izizathu ezenza sisho kanjalo.

  • Ayikho intaba emhlabeni ongama kuyo bese ubona yonke imibuso yomhlaba.

  • USathane akagcinanga ngokubonisa uJesu imibuso kuphela, kodwa wambonisa “nenkazimulo yayo.” Lokho akuyona into ongayibona ukude, ngakho kubonakala sengathi uSathane wasebenzisa umbono ukuze abonise uJesu lezi zinto. Lokhu kungafana nendlela umuntu asebenzisa ngayo iphrojektha neskrini ukuze abonise omunye izithombe zezindawo ezahlukahlukene ezisemhlabeni.

  • ULuka 4: 5 uthi uDeveli wabonisa uJesu “yonke imibuso yomhlaba owakhiweyo ngomzuzwana nje,” okuyinto iso lomuntu ovamile elingeke likwazi ukuyibona. Lokhu kubonisa ukuthi ngesikhathi uDeveli elinga uJesu, akazange ambonise lezo zinto ngendlela evamile kodwa wasebenzisa enye indlela.

a Lapho likhuluma ngoNkulunkulu iBhayibheli lithi ‘uyiLowo ohlala ngaphezu kwesiyingi somhlaba.’ (Isaya 40:22) Ezinye izincwadi zithi igama elithi “isiyingi” lingasho ibhola, kodwa ezinye izifundiswa azivumelani nalokho. Kunoma yikuphi, iBhayibheli alisho ukuthi umhlaba uyisicaba.

b UHlelo Olubukeziwe, uMqulu 2, ikhasi 4.