Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kwadalwa?

Imvelo

Inqubo Ye-photosynthesis​—Ingabe Kwadalwa?

Kwenzekani kule nqubo, futhi thina isisiza ngani?

Ukukhanya Okuvela Kokuphilayo​—Ingabe Kwadalwa?

Ezinye izilwane azigcini nje ngokukhipha ukukhanya kodwa futhi lokho zikwenza ngendlela ewonga kakhulu amandla ukwedlula noma yiziphi izinto ezenziwe abantu ezikhipha ukukhanya. Kanjani?

Umzimba Womuntu

Ikhono Lokuzelapha Lomzimba Womuntu

Ososayensi balilingisa kanjani leli khono emiklamweni emisha kapulasitiki?

Izilwane Zangaphandle Kwamanzi

Ubuchopho Bengwejeje Yase-Arctic Ehlala Emgodini​—Ingabe Kwadalwa?

Bona indlela eyingqayizivele ingwejeje ekwazi ngayo ukuzivuselela ngemva kokulala kwangesikhathi sasebusika.

Uboya Bomthini Wasolwandle

Ezinye izilwane ezincelisayo ezihlala emanzini abandayo zinamafutha awugqinsi ngaphansi kwesikhumba azigcina zifudumele. Umthini wasolwandle wona usebenzisa nenye indlela ewugcina ufudumele.

Umsebenzi Wamadevu Ekati

Kungani ososayensi beklama amarobhothi anemishini esebenza njengezinzwa abayibiza ngokuthi ama-e-whiskers?

Izinzwa Zenja Zokuhogela

Yini eyenze ososayensi bazama ukukopela ezinzweni zenja zokuhogela?

Umlenze Wehhashi

Kungani onjiniyela behluleka ukulingisa umklamo wawo?

Uketshezi Olubushelelezi Lwenomfi Yomnenke Ongenandlwana

Ingcina esanomfi esebenza njengoketshezi olunamathelayo lomnenke ongenalo igobolondo ingase idingwe yibo bonke odokotela abahlinzayo, okuyokwenza singabe sisaba bikho isidingo sokuthunga iziguli ezihlinzwayo.

Izilwane Ezihlala Emanzini

Iphiko Lomkhoma I-humpback

Thola ukuthi indlela elakheke ngayo iphiko lalesi silwane esikhulukazi izithinte kanjani izici ezithile zokuphila kwakho.

Isikhumba Somkhomo Esikwazi Ukuzihlanza

Kungani izinkampani zemikhumbi zithanda ukwazi okwengeziwe ngesikhumba somkhomo?

Ikhono Lehlengethwa Lokuhlola Izinto Lisebenzisa Umsindo

Ososayensi bafisa ukwakha imishini yobuchwepheshe ekwazi ukwenza lokho ihlengethwa elinekhono lokukwenza.

Izinsephe Zembaza Yasolwandle

Izimbaza zasolwandle zibambelela entweni zisebenzisa izinsephe. Ukuqonda indlela ezisebenza ngayo kungasiza ekuklameni izindlela ezintsha nezingcono zokuxhuma imishini ezakhiweni nokuhlanganisa imisipha namathambo.

Amagobolondo Ezilwane Zasolwandle

Indlela amagobolondo ezilwane zasolwandle ame ngayo iwasiza ukuba avikele izilwane ezingaphakathi kuwo.

Ikhono Lembambela Lokuzishintsha Umbala

Onjiniyela bazama ukulingisa leli khono ngokwenza izimpahla ezizokwazi ukushintsha umbala ngomzuzwana nje.

Isitho Esikhanyisayo Sembambela YaseHawaii

Lesi silwane senza okwaso ukukhanya—kodwa hhayi ngenjongo yokuba sibone noma sibonwe.

Ingalo Ye-octopus Emangalisayo

Onjiniyela bakopele indlela yokusebenza kwezingalo ze-octopus, baqhamuka nethuluzi elihle lokuhlinza.

Umzimba “Oyiso” We-Brittle Star

Funda amaqiniso athakazelisayo ngalesi silwanyana esihlala emanzini angajulile.

Umsila Wehhashi Lasolwandle

Thola ukuthi kungani umsila wehhashi lasolwandle unikeza onjiniyela amasu okwakha amarobhoti amasha.

Ukuhamba Kwezinhlanzi Njengeqembu

Yini izinhlanzi ezingasifundisa yona ngendlela esinganciphisa ngayo ukushayisana kwezimoto?

Izinyoni

Imibala Yezinyoni Engaphuphi

Kungayiphi indlela imibala engaphuphi yezimpaphe zezinyoni iyisendlalela sokusungulwa kukapende nezindwangu ezingcono?

Iphiko Lesikhova

Ukwakheka okuyinkimbinkimbi kwephiko lesikhova lingasiza ekuklanyweni kwezinto zokuphehla ugesi ezisebenza ngomoya ezingabangi umsindo.

Ukupheqeka Kwechopho Lephiko Lezinyoni Ezindizela Phezulu

Ngokulingisa umklamo wephiko lazo, onjiniyela bezindiza bonge amalitha kaphethiloli angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-7 ngonyaka owodwa.

Izimpaphe Ze-Emperor Penguin

Yini izazi zesayensi yezinto eziphila olwandle eziyitholile ngezimpaphe zale nyoni?

Indlela Yokundiza Eyonga Amandla Ye-Wandering Albatross

Thola ukuthi le nyoni ikwazi kanjani ukundiza amahora amaningi ingawashayanga ngisho nakanye amaphiko ayo!

Isimiso Sokuthungatha Umzila Se-Bar-Tailed Godwit

Funda ngohambo lwale nyoni lwezinsuku ezingu-8, okunye ukufuduka okumangalisa kakhulu okwaziwayo.

Izilwane Ezihuquzelayo Nezihlala Emanzini Nangaphandle Kwawo

Isikhumba Esimunca Ubumanzi Sesibankwa Esinameva

Lesi sibankwa sikwazi kanjani ukumunca ubumanzi kusukela emilenzeni yaso kuya emlonyeni?

Umsila Wentulo Ebizwa Nge-agama

Lesi ntulo sikwazi kanjani ukugxuma isuka endaweni evundlile iya obondeni olumile?

Umhlathi Wengwenya

Ingaluma ngamandla ngokuphindwe kathathu kunebhubesi noma ihlosi, kodwa izwela ngokushesha kunesihloko somunwe womuntu. Kanjani?

Isikhumba Senyoka

Yini eyenza isikhumba senyoka sivikeleke ngokwanele ukuba ikwazi ukucaca isihlahla esinesiqu esimaholoholo noma imbe esihlabathini esimahhadla?

Inqubo Yokuzala Yeselesele Elifukamela Amaqanda Esiswini

Kungani isazi sokuziphendukela kwemvelo sithi, kunzima ukucabanga ngoshintsho olwenzeka kancane kancane endleleni eyakheke ngayo inqubo yokuzala yaleli selesele?

Izinambuzane

Ikhono Lenyosi I-Bumblebee Lokulawula Ukundiza Kwayo—Ingabe Ladalwa?

Isilwane esincane kangaka sikwazi kanjani ukuhlula ngisho nabashayeli bezindiza abangomakadebona?

Indlela Inyosi Ehlala Ngayo Entweni Endizela Kuyo

Yini eyenza leli khono layo lifaneleke kakhulu lapho kwenziwa izinhlelo zokuqondisa amarobhothi andizayo?

Ikhekheba Lezinyosi

Yini izinyosi ebeziyazi ngokusebenzisa indawo kangcono, izazi zezibalo ebezingakwazi ukuyifakazela kwaze kwaba ngu-1999?

Izintuthane Zikugwema Kanjani Ukuba Nesiminyaminya?

Izintuthane ziyasigwema isiminyaminya. Zikwenza kanjani lokho?

Intamo Yentuthwane

Lesi sinambuzane sikwazi kanjani ukuthwala umthwalo osinda kakhulu kunaso?

Indlela Intuthwane Okuthiwa I-Carpenter Ehlanza Ngayo Izimpondo Zayo

Lesi sinambuzane esincane kumelwe sihlale sihlanzekile ukuze siphile. Sikwenza kanjani lokho?

Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni

Lesi silwanyana esingavamile singesinye sezilwane ezihamba phansi ezaziwa ngokubekezelela ukushisa. Yini esenza sikwazi ukumelana nokushisa okukhulu?

Ukuphila Kwezihlonono Ezivela Ngankathi

Umjikelezo walezi zinambuzane ezimangazayo usho ukuthi zivela amasonto ambalwa kuphela eminyakeni engu-13 noma engu-17.

Amagiya Entethe I-Issus

Adlala indima enkulu ekhonweni lalesi sinambuzane lokugxuma ngamandla nangendlela ehlelekile.

Izinzwa Zentethe Ezisabela Ngokushesha

Isikhonyane esifudukayo sikugwema kanjani ukushayisana?

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lentethe I-katydid

Lezi zindlebe ezincane zalesi sinambuzane zisebenza ngendlela efanayo nezomuntu. Ukucwaninga ngekhono lokuzwa lalesi sinambuzane kuzobasiza kanjani ososayensi kanye nonjiniyela bosuku lwethu?

Ukufuduka Kovemvane Olubizwa Nge-monarch​—Ingabe Kwadalwa?

Ingabe ukufuduka okuyinkimbinkimbi kovemvane i-monarch kufakazela ukuthi lwadalwa?

Iphiko Lovemvane

Iphiko lovemvane i-Blue Morpho libukeka libushelelezi kodwa linezinto ezingabonakala ngesibona-khulu kuphela. Ezani lezi zinto?

Iphiko Lovemvane Elibamba Ukukhanya

Izimpiko zovemvane azigcini ngokuba mnyama nje kuphela kodwa kunokwengeziwe ezikwenzayo.

Ikhono Elimangalisayo Lokuzwa Lebhu Elikhulu

Ngendletshana yalo engeyona inkimbinkimbi kunokuthile elingakwenza kangcono kunanoma yisiphi esinye isilwane esaziwayo.

Izinzwa Zebhungane I-black fire

Yini onjiniyela nabacwaningi abangayifunda kuleli bhungane elingavamile?

Ikhono Lenkubabulongwe Lokuthungatha Indlela

Hlobo luni lwesimiso sokuthungatha indlela esisetshenziswa inkubabulongwe? Yini abantu abangayifunda kuso?

Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi

Lesi sinambuzane esincane sibathonye kanjani ososayensi ukuba bakhe ama-diode akhanya kakhudlwana, asetshenziswa ezintweni zobuchwepheshe?

I-Haltere Lempukane

Wake wazibuza ukuthi kungani kunzima kangaka ukubamba impukane? Funda lokho okuye kwatholwa ososayensi.

Ikhono Lembuzane Lokundiza

Ngomzuzwana nje, imbuzane ikwazi ukuphenduphenduka njengendiza yempi.

Izicabucabu

Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo

Lesi sicabucabu silikala kanjani ibanga elinembile? Kungani abacwaningi befuna ukulingisa indlela yaso?

Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini

Ubulwembu besicabucabu sasendlini buba namandla uma kudingeka kodwa bube ntekenteke uma kudingeka. Thola ukuthi lokhu kwenzeka kanjani futhi kungani kwenzeka.

Izitshalo

Umbala Oluhlaza Okwesibhakabhaka We-Pollia Berry

Lesi sithelo sibukeka sinombala oluhlaza okwesibhakabhaka ogqame kunowazo zonke izitshalo. Noma kunjalo, isikhumba saso asinawo umbala. Pho yini eyenza sibonakale sinombala omuhle kangaka?

Ikhono Lokubala Lezitshalo

Abacwaningi bathole ukuthi isitshalo sesinaphi sinekhono elimangalisayo.

Umhlaba Wokubukwa Ngezipopolo

Ikhono Lokugcina Ukwaziswa Le-DNA

I-DNA iye yabhekwa njengenqolobane egcina ukwaziswa enkulu kunazo zonke. Funda ukuthi kungani.

Izilwanyana Ezidla Uwoyela

Ziwuhlanza kahle kangakanani uwoyela uma ziqhathaniswa nezinto zanamuhla zobuchwepheshe?