Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho

Indlela Yokulawula Intukuthelo Yakho

Oshade naye usho noma enze into ekuthukuthelisayo, kodwa wena uyazama ukufihla ukuthi uthukuthele. Nokho, yena uyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle bese ezama ukuthola ukuthi yini. Lokho kuvele kukucasule nakakhulu. Ungakwazi kanjani ukulawula intukuthelo yakho ezimweni ezinjalo?

 Okufanele ukwazi

  • Ukuvuma ukulawulwa yintukuthelo kungakugulisa. Ucwaningo lubonisa ukuthi uma uvuma ukulawulwa intukuthelo, wandisa amathuba okuba ne-BP, isifo senhliziyo, isifo sokucindezeleka nezinkinga zesisu. Intukuthelo iphinde ibe nomthelela ekubeni nenkinga yokungalali kahle, ukukhathazeka ngokweqile, izinkinga zesikhumba nasekushayweni uhlangothi. Yingakho iBhayibheli lithi: ‘Hlukana nentukuthelo, ukuze ungenzi okubi.’​—IHubo 37:8.

  • Ukuzama ukufihla intukuthelo nakho kungakulimaza. Ukuhlale uthukuthele kungafana nokuba nesifo esikudlayo ngaphakathi. Ngokwesibonelo, ungaqala ukuba nomkhuba wokugxeka nokungabethembi abanye. Lokho kungenza kube nzima ngabanye ukuphila nawe, futhi kungalimaza nomshado wakho.

 Ongakwenza

  • Gxila ezintweni oshade naye azenza kahle. Bhala izinto ezintathu ozithandayo koshade naye. Uma enza into ekuthukuthelisayo, cabanga ngalezo zinto ezinhle ozibhalile. Lokho kungakusiza ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: “Ziboniseni ningababongayo.”​—Kolose 3:​15.

  •   Zifundise ukuthethelela. Okokuqala, zama ukucabanga isizathu esenze oshade naye wenza lokho akwenzile. Lokho kuzokusiza uzifake ezicathulweni zakhe, uzame ukuba ‘nomqondo ofana’ nowakhe, njengoba iBhayibheli lisho. (1 Petru 3:8) Yibe usuzibuza, ‘Ingabe into engithukuthelisile yimbi kangangokuba ngeke ngikwazi ukumxolela?’

    Okushiwo iBhayibheli: “Kungubuhle  . . ukweqa isiphambeko.”​IzAga 19:11.

  •   Veza indlela ozizwa ngayo ngendlela engeke imcasule. Khuluma ngawe, esikhundleni sokukhuluma ngaye. Ngokwesibonelo, esikhundleni sokuthi “Awungicabangeli ngokuhamba bese ungafoni ukuze ngazi ukuthi ukuphi,” kunalokho ithi, “Uma sekusebusuku ngingazi ukuthi ukuphi, ngiyakhathazeka ngoba ngisuke ngingazi ukuthi uphephile yini.” Ukukhuluma ngomusa nangendlela ezolile kungakusiza ukuba ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli:Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti.”—Kolose 4:6.

  •   Lalela ngenhlonipho. Ngemva kokusho okukukhathazayo, vumela noshade naye ukuba akhulume, ungamngeni emlonyeni. Lapho eseqedile ukukhuluma, kuphinde lokho akushilo ukuze ubone ukuthi umuzwe kahle yini. Ukufunda ukulalela kubalulekile ukuze ulawule intukuthelo yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Shesha ukuzwa, uphuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.