Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala

Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala

 “Saqala ukukhuluma nendodakazi yethu ngotshwala ineminyaka engu-6. Kwasimangaza ukuthi yayazi okuningi ngotshwala kunalokho esasikulindele.”​—U-Alexander.

Okufanele ukwazi

Kubalulekile ukukhuluma nezingane ngotshwala.  Ungalindi ingane ize ikhule. UKhamit, waseRussia uthi, “Sifisa ngabe saqala ukukhuluma nendodana yethu ngotshwala isencane. Ngafunda kabuhlungu. Ngathola ukuthi indodana yami yayisiphuza utshwala ineminyaka engu-13.”

 Kungani kufanele ukhathazeke?

  •   Umbono wengane yakho ngotshwala ungase uthonywe yizikhangiso, i-TV noma yizingane efunda nazo esikoleni.

  •   Ngokombiko we-U.S. Centers for Disease Control and Prevention, ingxenye engamaphesenti angu-11 yabantu abaphuza utshwala e-United States yakhiwa yizingane ezingavumelekile ukuphuza ngokweminyaka ebekwe uhulumeni.

 Akumangazi ukuthi izikhulu zezempilo zikhuthaza abazali ukuba bafundise izingane zabo zisencane ngezingozi zokuphuza utshwala. Ungakwenza kanjani lokho?

 Ongakwenza

 Yazi ukuthi uzoyiphendula kanjani imibuzo yengane yakho. Izingane ziyathanda ukubuza, futhi uma sezikhulile zibuza nakakhulu. Ngakho kuzokusiza ukulungiselela kusenesikhathi ukuthi uzoyiphendula kanjani leyo mibuzo. Ngokwesibonelo:

  •   Uma ingane yakho ikubuza ukuthi bunjani utshwala, ungase uyitshele ukuthi iwayini lithi alifane nojusi omuncu wezithelo, kanti ubhiya wona uyababa.

  •   Uma ingane yakho ifuna ukuzizwela ukuthi utshwala bunjani, ungase uyitshele ukuthi bunamandla kakhulu ukuthi bungaphuzwa ingane esencane. Yichazele ukuthi utshwala benzani emzimbeni: Utshwala benza umuntu akhululeke, kodwa uma esebuphuze kakhulu angase adiyazele, enze izinto ezingafanele noma asho izinto azozisola ngazo.​—IzAga 23:29-35.

 Zifundise wena kuqala. IBhayibheli lithi: “Wonke umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi.” (IzAga 13:16) Funda ngotshwala, nangemithetho yasezweni ohlala kulo elawula indlela utshwala okufanele busetshenziswe ngayo. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukusiza ingane yakho.

 Ungalindi kuze kube yingane yakho ekubuzayo. UMark ohlala eBrithani, uthi: “Izingane zingase zingazi ukuthi utshwala kufanele busetshenziswe kanjani. Ngabuza indodana yami eneminyaka engu-8 ukuthi kubi yini ukuphuza utshwala. Ngenza isimo saba esikhululekile, okwenza kwaba lula ngayo ukuba iveze lokho ekucabangayo.”

 Uma ukhuluma ngotshwala izikhathi eziningana nezingane zakho, uyozisiza zibe nombono ofanele ngabo. Lapho ukhuluma nengane yakho ngotshwala, khuluma nangezinye izinto ezibalulekile njengocansi nokuphepha emgwaqweni, kuye ngokuthi ikhule kangakanani.

 Yiba yisibonelo. Izingane zifana neziponji, zimunca lokho okuzizungezile futhi ucwaningo lubonisa ukuthi abazali bazithonya kakhulu izingane zabo. Lokhu kusho ukuthi uma uphuza utshwala njalo lapho ukhathazekile, izingane zakho zizofunda ukuthi into engazisiza lapho zicindezelekile, ukuphuza utshwala. Ngakho yiba isibonelo esihle. Qiniseka ukuthi wena ubusebenzisa ngendlela efanele utshwala.

Ingane yakho izofunda endleleni wena obusebenzisa ngayo utshwala