Dlulela kokuphakathi

JULY 16, 2015
EGERMANY

Izikhulu Ziklomelisa Ubaba Nendodana Ngokusiza Ekutakuleni Amadoda Amathathu Emotweni Eshayo

Izikhulu Ziklomelisa Ubaba Nendodana Ngokusiza Ekutakuleni Amadoda Amathathu Emotweni Eshayo

UJorim, uChristiane, no-Andreas Bonk. U-Andreas wayesesibhedlela ngenxa yengozi ehlukile ngesikhathi somkhosi.

ESELTERS, eJalimane—u-Andreas Bonk, ongomunye woFakazi BakaJehova, nendodana yakhe uJorim babephakathi kwalabo abathola imiklomelo ngo-April 16, 2015, ngokusindisa abantu abathathu engozini yemoto eyashayisa yagqamuka amalangabi. Baklonyeliswa emkhosini owawuhanjelwe ungqongqoshe wezangaphakathi wesiFundazwe SaseBaden-Württemberg, eningizimu-ntshonalanga yeJalimane, nabaphathi-dolobha ababili owase-Obersulm nowaseWaiblingen, amadolobha alaba ababeklonyeliswa. UNgqongqoshe Wezangaphakathi uReinhold Gall (esithombeni esingenhla owesithathu ukusuka kwesokudla) waklomelisa u-Andreas Bonk ngeNdondo Yokusindisa Ukuphila YesiFundazwe SaseBaden-Württemberg (iLebensrettungsmedaille des Landes Baden-Württemberg). UmkaMnu. Bonk, uChristiane (esithombeni esingenhla umaphakathi) wamamukelela indondo, njengoba uMnu. Bonk ayesesibhedlela ngenxa yengozi ehlukile ngesikhathi somkhosi. Kuwo lo mkhosi, umphathi-dolobha wase-Obersulm, uTilman Schmidt (esithombeni esingenhla owokugcina kwesokunxele), waklomelisa uJorim Bonk (esithombeni esingenhla umaphakathi) ngeSitifiketi Sokunconywa (i-Ehrungsurkunde).

Ngo-May 11, 2014, u-Andreas noJorim Bonk babesendleleni eya emhlanganweni omkhulu wemfundo yeBhayibheli woFakazi BakaJehova lapho u-Andreas ayezonikeza khona inkulumo yeBhayibheli. Besahamba, bazithela engozini yemoto enyantisayo. Amasosha ase-United States ayevaleleke emotweni eshayo eyayilele ngohlangothi. AbakwaBonk, kanye nabanye abantu ababili, bama ukuze basize. U-Andreas wadela ukuphila kwakhe ezama ukusiza abagibeli ukuba baphume emotweni eshayo, kwaze kwaba yilapho kufika amaphoyisa, izicisha-mlilo, ne-ambulensi. Ngokudabukisayo, elinye lamasosha lafa. Endabeni eyayisekhasini lokuqala lephephandaba i-Sulmtaler Woche kwacashunwa uNgqongqoshe uGall ethi kulaba batakuli, “Nibonise isibindi esikhulu nobuqhawe, nazidela.” Umphathi-dolobha uSchmidt wanezela, “Thina mphakathi wase-Obersulm, siyaziqhenya ngani.”

Isithombe esithathwe endaweni yesehlakalo.

U-Andreas Bonk wachaza lokho okwamshukumisela ukuba enze lesi senzo esidinga isibindi: “Ngama endaweni yesehlakalo ngenxa yozwela ngomfowethu. Kimi, ukuphila kwawo wonke umuntu kuyigugu. . . . Uma mina noma noma isiphi isihlobo sami bebengaba esimweni esifanayo, ngithemba ukuthi nabanye bayoba nobuntu nesibindi sokungenela basize.” UJorim wanezela, “Kubalulekile ukuba singabazibi abantu abadinga usizo.”

Umkhosi wokuklomelisa ngezindondo wabanjelwa eHholo Ledolobha lase-Obersulm. Iphephandaba laseJalimane i-STIMME.de labika ngalo mkhosi futhi lacaphuna umphathi-dolobha waseWaiblingen, u-Andreas Hesky (esithombeni esingenhla ungowesibili ukusuka kwesokudla), ethi: “Lapho kusasa nibheka emuva, niyoziqhenya ngalokho enikwenzile. Idolobha laseWaiblingen liyaziqhenya ngokuba nezakhamuzi ezinjengani. Niyisibonelo esihle emphakathini wethu.”

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbaseJalimane: uWolfram Slupina, ucingo +49 6483 41 3110