Dlulela kokuphakathi

EKYRGYZSTAN

Amanqampunqampu NgeKyrgyzstan

Amanqampunqampu NgeKyrgyzstan

OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eKyrgyzstan kusukela ngo-1956, futhi babhaliswa ngokusemthethweni ngo-1998. Nakuba babehlukunyezwa eminyakeni yangaphambili ngenxa yenkolo yabo, manje uhulumeni useyawavikela amalungelo abo angokwenkolo.

NgoNovemba 2013, uMkhandlu Womthetho-sisekelo WeNkantolo Ephakeme wanquma ngazwi linye ukuthi umthetho ophathelene nemisebenzi engenziwa esikhundleni sokusebenza emnyangweni wezempi eKyrgyzstan, wawungahambisani nomthetho-sisekelo. Wabe usunquma ukuba uhulumeni waseKyrgyzstan enze okuthile ngakho. Ngo-2014, izinkantolo zaseKyrgyzstan zaqala ukusebenzisa isinqumo soMkhandlu Womthetho-sisekelo, ngakho amadoda angoFakazi awasaboshwa uma enqaba ukuyosebenza kwezempi. NgoJuni 29, 2015, iKyrgyzstan yalungisa umthetho wezempi, yenza uhlu lwemisebenzi engahlobene nomnyango wezempi engenziwa yilabo abenqaba ukusebenza ebusosheni.

NgoSepthemba 2014, uMkhandlu Womthetho-sisekelo WeNkantolo Ephakeme wakhipha isinqumo esivuna oFakazi BakaJehova nesithuthukisa inkululeko engokwenkolo, waveza ukuthi izingxenye zomthetho owakhishwa ngo-2008 zazingqubuzana nomthetho-sisekelo onikeza abantu ilungelo elingokwenkolo. IKomiti Ebhekelela Izindaba Ezingokwenkolo yasishaya indiva isinqumo seNkantolo, yanqaba ukubhalisa ngokusemthethweni inhlangano yoFakazi ezingxenyeni eziseningizimu yeKyrgyzstan. Lokhu kwenze ezinye iziphathimandla zathi eminye imisebenzi eyenziwa oFakazi ayikho emthethweni. Nokho, uma oFakazi beke bahlangana neziphathimandla ukuze balungise lokhu kungaboni ngaso linye, ngokuvamile bayakwazi ukuqhubeka behlangana ndawonye ukuze bakhulekele uNkulunkulu futhi baxoxe nabanye ngenkolo yabo. OFakazi banethemba lokuthi uhulumeni uyogcina esilandele ngokuphelele isinqumo soMkhandlu Womthetho-sisekelo futhi ubhalise ngokusemthethweni inhlangano yabo ezingxenyeni eziseningizimu yeKyrgyzstan.