Dlulela kokuphakathi

AGASTI 28, 2020
ESOUTH KOREA

Imvula Engakaze Ibonwe Icekele Phansi ISouth Korea

Imvula Engakaze Ibonwe Icekele Phansi ISouth Korea

Indawo

ESouth Korea

Inhlekelele

  • IKorea ihlaselwe inkathi yemvula ehambisana nomoya ebe yinde kakhulu kwezake zaba khona

  • Le mvula engapheli idale izikhukhula nokubhidlika komhlabathi okubi (landslide)

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Abamemezeli abangu-16 kudingeke bashiye amakhaya abo okwesikhashana

Ukulimala kwezakhiwo

  • Kulimale imizi engu-30

  • Kulimale amaHholo OMbuso angu-19

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • Igatsha laseKorea limise amaKomiti Okunikeza Osizo (DRCs) amathathu

  • La makomiti nababonisi bezigodi ezithintekile basebenzisana nabadala bamabandla endawo ukuze basize abafowethu nodadewethu

  • Ukuhlanzwa nokulungiswa kwemizi elimele namaHholo OMbuso kuyaqhubeka

Okwenzeka

  • Edolobheni laseGurye, enye yezindawo ezithinteke kakhulu, uMfoweth’ uMin-seong Lee nomkakhe kwadingeka bashiye umuzi wabo nayo yonke impahla yabo. Umuzi wabo wonke wagcwala amanzi. Kuthe lapho sekuphephile ukuba kunikezwe usizo, abamelela iKomiti Yokunikeza Usizo bahlanza umuzi wabakwaLee, babanika izinto eziyisidingo. Abafowethu abakhonza kuleli komiti babaduduza, babakhuthaza nangemiBhalo abakwaLee. Ekhuluma ngosizo abaluthola benomyeni wakhe, uDade Lee wathi: “Ngiyabonga kakhulu ngosizo abasinika lona. Konke abasenzela kona kwakumangalisa ngempela. Babesebenza sengathi basebenza emizini yabo. Kuyiqiniso ukuthi kuningi okungilahlekele, kodwa eqinisweni ngithole okungaphezu kwalokho okungilahlekele.”

Siyajabula ngokuthi uJehova, “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” uyaqhubeka enakekela abafowethu nodadewethu eKorea phakathi nalesi sikhathi esinzima.—2 Korinte 1:3, 4.