Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo LaseMelika?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo LaseMelika?

 Indlunkulu yethu yomhlaba wonke ise-United States of America. Nokho, asilona ihlelo laseMelika ngenxa yezizathu ezilandelayo:

  •   Abanye bathi ihlelo iqembu labantu abahlubuke enkolweni ethile. OFakazi BakaJehova abahlubukanga eqenjini lenkolo ethile. Kunalokho, sinomuzwa wokuthi sibuyisele indlela yobuKristu yokukhulekela eyayisetshenziswa ekhulwini lokuqala.

  •   OFakazi BakaJehova bamatasa enkonzweni yabo emazweni angaphezu kuka-230. Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, sisekela ngokuyinhloko uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, hhayi uhulumeni wase-United States noma omunye uhulumeni wabantu.—Johane 15:19; 17:15, 16.

  •   Zonke izimfundiso zethu zisekelwe eBhayibhelini, hhayi emibhalweni yomholi wenkolo othile wase-United States.—1 Thesalonika 2:13.

  •   Silandela uJesu Kristu, hhayi noma imuphi umholi ongumuntu.—Mathewu 23:8-10.