Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?

Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?

 UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba benze “abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19, 20) Ngesikhathi ethuma abafundi bakhe bokuqala, wathi mabaye emizini yabantu. (Mathewu 10:7, 11-13) Ngemva kokufa kukaJesu, amaKristu ekhulu lokuqala aqhubeka esakaza isigijimi sawo “obala nasendlini ngendlu.” (IzEnzo 5:42; 20:20) Silingisa isibonelo salawo maKristu okuqala futhi sithola ukuthi ukushumayela endlini ngendlu kuyindlela enhle yokufinyelela abantu.