Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakukhipha Okweshumi?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakukhipha Okweshumi?

 Cha, oFakazi BakaJehova abakhiphi okweshumi; umsebenzi wethu usekelwa ngeminikelo yokuzithandela futhi amagama alabo abanikelayo awabhalwa ndawo. Kuyini okweshumi, futhi kungani oFakazi BakaJehova bengakhiphi okweshumi?

 Umthetho wokukhipha okweshumi, noma ukunikela okweshumi kwalokho umuntu anakho, kwakuyingxenye yoMthetho owanikezwa isizwe sakwa-Israyeli sasendulo. Kodwa iBhayibheli likwenza kucace ukuthi lo Mthetho—kuhlanganise “nomyalo wokuba [kuqoqwe] okweshumi”—awusebenzi kumaKristu.—Hebheru 7:5, 18; Kolose 2:13, 14.

 Kunokuba bakhiphe okweshumi futhi banikele ngoba bephoqekile, oFakazi BakaJehova balingisa amaKristu okuqala futhi basekela inkonzo yabo ngezindlela ezimbili: ngokwenza umsebenzi wabo wokushumayela ngaphandle kokuholelwa nangokunikela ngokuzithandela.

 Ngakho silalela isiqondiso seBhayibheli kumaKristu: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.