Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukudivosa?

OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukudivosa?

 Sinamathela kulokho okushiwo iBhayibheli ngomshado nangedivosi. UNkulunkulu wasungula umshado ukuze ube isibopho esihlala njalo phakathi kwendoda nowesifazane. Isizathu sokudivosa okuwukuphela kwaso esivunyelwe emiBhalweni esokuziphatha okubi ngokocansi.​—Mathewu 19:​5, 6, 9.

Ingabe oFakazi bayalunikeza usizo kubantu abanezinkinga zomshado?

 Yebo, ngezindlela eziningana, ezinjengalezi:

Uma uFakazi efuna ukudivosa, ingabe kudingeka avunyelwe abadala bebandla?

 Cha. Ngisho nalapho abadala becelwa ukuba basize abantu abathile abashadile abanezinkinga zomshado, abanalo igunya lokubatshela ukuba bathathe siphi isinqumo. (Galathiya 6:5) Nokho, umuntu okhetha ukudivosa ngaphandle kwezizathu ezisemiBhalweni akafaneleki ukuba anikwe izabelo ezikhethekile ebandleni futhi ngokwemiBhalo akavunyelwe ukuba aphinde ashade.​—1 Thimothewu 3:1, 5, 12.

OFakazi bakubheka kanjani ukuhlala ngokwahlukana?

 IBhayibheli likhuthaza abashadile ukuba bahlale ndawonye ngisho nasezimweni ezinzima. (1 Korinte 7:10-16) Izinkinga eziningi zingaxazululeka ngokuthandaza ngobuqotho, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli nokubonisa uthando.​—1 Korinte 13:4-8; Galathiya 5:22.

 Nokho, ezimweni ezimbi ngokwedlulele, njengalezi ezilandelayo, amanye amaKristu aye anquma ukuhlala ngokwahlukana:

  •   Ukungondli ngamabomu.​—1 Thimothewu 5:8.

  •   Ukuhlukunyezwa ngokomzimba okwedlulele.​—IHubo 11:5.

  •   Ukubekwa engozini ngokuphelele kobuhlobo bomuntu noNkulunkulu. Ngokwesibonelo, omunye angase azame ukuphoqa uFakazi ashade naye ukuba aphule umyalo kaNkulunkulu ngandlela-thile, futhi uFakazi angase anqume ukuthi ukuhlala ngokwahlukana kuwukuphela kwendlela yokuba ‘alalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.