Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayawenza Umsebenzi Wezithunywa Zevangeli?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayawenza Umsebenzi Wezithunywa Zevangeli?

 Yebo. Nomaphi lapho behlala khona, oFakazi BakaJehova bazama ukuba nesimo sengqondo sabavangeli, ukuxoxa ngokholo lwethu njalo nabantu esihlangana nabo.—Mathewu 28:19, 20.

 Ngaphezu kwalokho, abanye oFakazi bavakashela noma bathuthele ezindaweni zasemazweni akubo ezinabantu abangakaze bazizwe izindaba ezinhle eziseBhayibhelini. Abanye oFakazi bathuthela kwamanye amazwe ukuze bafeze okwengeziwe enkonzweni yabo. Bayakujabulela ukuba nengxenye ekugcwalisekeni kwesiprofetho esashiwo uJesu: “Nizoba ofakazi bami . . . ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8.

 Ngo-1943, samisa isikole esiqeqesha ngokukhethekile abayizithunywa zevangeli. Kusukela ngaleso sikhathi, kunoFakazi abangaphezu kuka-8 000 asebeye kulesi sikole, esaziwa ngokuthi i-Watchtower Bible School of Gilead.