Dlulela kokuphakathi

Sikumema Ukuba Uvakashele Izakhiwo ZaseBethel Yase-United States

Sikumema Ukuba Uvakashele Izakhiwo ZaseBethel Yase-United States

Ngemva kokuba abashadikazi baseVanuatu bevakashele izakhiwo zoFakazi BakaJehova e-United States, bathi: “Kube yinjabulo enkulu ukuvakashela eBethel futhi siyohlale sikukhumbula njalo.” Abantu abaningi kwabangaphezu kuka-70000 abavakashela lezi zakhiwo minyaka yonke bazizwa ngendlela efanayo.

Usuke wavakashela yini ezakhiweni zaseBethel yase-United States? Uma ungakaze, wamukelekile ukuba wenze kanjalo.

Yini ozoyibona kulezi zakhiwo ezinkulu ezintathu?

INdlunkulu Yomhlaba Wonke, EBrooklyn, ENew York. Hamba uyovakashela leso sakhiwo, uzothola umuntu ozokusiza akubonise indawo futhi uzwe nangokuzikhandla kwenhlangano yethu ekuqondiseni nasekusekeleni umsebenzi womhlaba wonke wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Uzobuka nomlando wabantu bakaNkulunkulu. Enye ingxenye yawo enesihloko esithi “Abantu Begama LikaJehova,” ebonisa umlando wabantu bakaJehova kusukela ekhulwini lokuqala leminyaka kuze kube manje. Enye ethi, “IBhayibheli Negama LikaNkulunkulu,” ibonisa izinguqulo zeBhayibheli eziningana ezinegama likaNkulunkulu eliyingqayizivele.

Imfundo Engokwasezulwini, EPatterson, ENew York. Thola okwengeziwe ngezikole ezitholakala lapha, njengeSikole SaseGilead neSikole Samalungu AmaKomiti Amagatsha Nomkawo. Uzobona nezithombe nama-video achaza ngomsebenzi owenziwa emahhovisi, ahlanganisa awomnyango weZobuciko, owokuQopha Izinto Ezilalelwayo Nama-video, owezoMthetho nomnyango Wenkonzo.

Ukunyatheliswa Nokuthunyelwa Kwezincwadi, EWallkill, ENew York. Lapha uzobona indlela amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinyatheliswa ngayo, zihlanganiswe bese zithunyelwa emabandleni ase-United States, eCaribbean nakwezinye izingxenye zomhlaba.

Kuthatha isikhathi eside kangakanani ukubuka lezi zakhiwo?

Ukubuka izakhiwo zaseBrooklyn kuthatha isikhathi esingaba ihora; ePatterson, esingaba amahora amabili; bese kuthi eWallkill, isikhathi esingaba ihora nesigamu.

Obani ababonisa izivakashi indawo?

Abantu abasebenza eminyangweni ehlukahlukene eBethel yibona ababonisa izivakashi indawo. Babheka ukubonisa izivakashi indawo njengengxenye yomzamo wabo wokusekela umsebenzi wethu wokufundisa emhlabeni wonke. Ngo-May 2014, kwakunabantu abangaphezu kuka-5000 abasebenza kulezi zakhiwo ezintathu, abangaphezu kuka-3600 kubo baqeqeshiwe ukuba babonise izivakashi indawo. Lolu hlelo lokubonisa izivakashi indawo lwenziwa ngezilimi ezingaba ngu-40.

Kubiza malini ukubuka le ndawo?

Akukhokhwa mali.

Ingabe kufanele ube uFakazi KaJehova ukuze uvakashe?

Lutho neze. Abaningi abavakashayo ababona oFakazi. Kokubili oFakazi nabangebona, bayothola ukuqonda ngokuzikhandla kwenhlangano yethu ekusekeleni umsebenzi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.

Owesifazane waseNdiya ongumSulumane wavakashela ePatterson. Ngemva kokuba esebone indawo, wathi: “Ngingathanda ukuba yingxenye yalokhu. Angive ngibonga ngokungibonisa inhlonipho enkulu kangaka.

Ingabe izingane zamukelekile?

Impela! Ukuvakashela le ndawo kungaba nethonya elihle kakhulu ezinganeni. UJohn, isivakashi esivela e-United States, wabhala: “Izingane ezaziseqenjini lethu ngesikhathi sivakashile aziwuvali umlomo selokhu sabuya. Ngaphambi kokubuka indawo, bezingayiqondi kahle inkonzo yaseBethel, kodwa manje sekuwumgomo wazo ukuyokhonza khona.”

Kungenzeka yini ukuba umuntu avakashele izakhiwo zoFakazi BakaJehova kwamanye amazwe?

Yebo. Ungavakashela izakhiwo zoFakazi emazweni amaningana. Ukuze uthole ukuthi yimaphi analezi zakhiwo, bheka ikhasi elithi Imininingwane Ngamahhovisi Nokubuka Indawo. Sikumema ngemfudumalo ukuba uzobona elinye lamahhovisi egatsha loFakazi BakaJehova.