Dlulela kokuphakathi

Ama-video Atholakala Ngamakhulu Ezilimi

Ama-video Atholakala Ngamakhulu Ezilimi

OFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngomsebenzi wabo wokuhumusha. Ngo-November 2014, iBhayibheli sase silihumushele ezilimini ezingu-125 futhi sinezincwadi ezisekelwe kulo ngezilimi ezingu-742. Okunye esikuhumushayo ama-video. Ngo-January 2015, i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? yayisitholakala ngezilimi ezingu-398, kanti ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? yayitholakala ngezingu-569. Kungani kwenziwa lo msebenzi futhi wenziwa kanjani?

Ngo-March 2014, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yakhipha isiqondiso sokuba amahhovisi amagatsha emhlabeni wonke aqophe umsindo ozosetshenziswa kuma-video ngezilimi eziningi ngangokunokwenzeka ukuze kugqugquzelwe ukutadishwa kweBhayibheli.

Ukuhumusha i-video kuhilela izinyathelo eziningana. Okokuqala, iqembu labahumushi lendawo lihumusha indaba. Kube sekukhethwa abantu abakhuluma lolo limi abazofunda ingxenye yomuntu ngamunye okuleyo video. Amaqembu ase-studio abe eseqopha indaba ifundwa ngolimi ehunyushelwe kulo, alungise okuqoshiwe namagama athile abonakala kuyi-screen. Ekugcineni, kuhlanganiswa indaba eqoshiwe, amagama ne-video kwenziwe ifayili eliphelele elingafakwa engosini.

Amanye amagatsha ayenaso i-studio sokuqopha nezisebenzi eziqeqeshelwe ukwenza lo msebenzi. Kodwa kuthiwani ngezilimi ezikhulunywa futhi zihunyushwe ezindaweni ezicezile?

Emhlabeni wonke, izisebenzi eziqeqeshelwe ukuqopha umsindo zasebenzisa imishini yokuqopha ethwalwayo, zaqala ukusebenza. Zisebenzisa i-microphone ne-laptop enohlelo lokuqopha, zahlela i-studio sokuqopha sesikhashana ehhovisi, eHholo LoMbuso, noma emzini wothile. Abantu abakhuluma lolo limi bafunda indaba ehunyushiwe, baqondisa ukuqoshwa kwayo futhi bahlola okuqoshiwe. Lapho ukuqopha sekuphelile futhi okuqoshiwe sekugunyaziwe, isisebenzi esiqeqeshelwe ukuqopha sasithatha izimpahla zaso siye endaweni elandelayo.

Ngale ndlela, kwenziwa ama-video ngezilimi eziningi ngokuphindwe kathathu kunangaphambili.

Indlela la ma-video amukelwe ngayo iyamangalisa. Abaningi lapho bebona ama-video ethu basuke beqala ukubona i-video eyenziwe ngolimi abaluncela.

Olunye lwezilimi ezaqoshwa yisiPitjantjatjara, esikhulunywa abantu abangaphezu kuka-2 500 e-Australia. Lolu limi lwaqoshwa e-Alice Springs, eNorthern Territory. UCallan Thomas, owasiza ekuqopheni umsindo wathi: “La ma-video amukelwa kahle ngendlela eyisimanga. Abantu bendawo babethe njo kuyi-tablet futhi belokhu bebuza ukuthi bangawatholaphi amanye ama-video anjengalena. Izincwadi zalolu limi azive ziyivela-kancane. Lapho beluzwa—ikakhulu belubona—bavele bakhexe.”

OFakazi ababili eCameroon babehamba ngesikejana benyusa umfula. Bama endaweni yabomdabu abangamaPygmy, bakhuluma nenduna enguthisha esikoleni sendawo. Ngemva kokuzwa ukuthi le nduna ikhuluma isiBassa, abazalwane bayidlalela kuyi-tablet i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ngolimi lwayo. Induna yahlabeka umxhwele kakhulu yacela nezincwadi.

Endaweni ethile e-Indonesia, umholi wenkolo wakhona akabafuni oFakazi BakaJehova, futhi wazishisa zonke izincwadi ababezihambisele abantu kuleyo ndawo. Abanye abantu endaweni bathi bazoshisa iHholo LoMbuso. Kamuva, kwafika amaphoyisa amane emzini womunye woFakazi amphenya ngemibuzo yena nomndeni wakhe. Ayefuna ukwazi ukuthi kwenziwani eHholo LoMbuso, ngakho wawabukisa i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? ngesi-Indonesia.

Ngemva kokubuka le video, elinye lala maphoyisa lathi: “Sengiyabona ukuthi abantu abaniqondi kahle, abanazi kahle.” Elinye lathi: “Ngingayithola yini le video ukuze ngiyibonise abanye? Le video ichaza ngokunembile ngani.” Amaphoyisa asebabheka kahle oFakazi futhi ayabavikela.

Uma ungakawaboni la ma-video, kunganjani uwabuke ngolimi lwakho?