Dlulela kokuphakathi

Batshele Ukuthi Uyabathanda

Batshele Ukuthi Uyabathanda

 U-Ong-li ungomunye woFakazi BakaJehova eBulgaria. Wayefunda iBhayibheli nowesifazane osemusha ogama lakhe linguZlatka, kodwa umyeni wakhe wayengafundelwa. U-Ong-li uthi: “Lapho sifunda ngokuphila komkhaya, ngagcizelela ukubaluleka kokutshela esishade nabo nezingane zethu ukuthi siyazithanda. UZlatka wangibuka edangele; wathi akakaze atshele umyeni wakhe nendodakazi yakhe eneminyaka engu-9 ukuthi uyabathanda!”

 UZlatka uyachaza, “Ngizimisele ukubenzela noma yini, kodwa ngikuthola kunzima ukusho lawo mazwi.” Uyanezela, “Umama wami akakaze angitshele ukuthi uyangithanda, kanti nogogo akakaze amtshele umama ukuthi uyamthanda.” U-Ong-li wabonisa uZlatka ukuthi uJehova washo ngokuzwakalayo ukuthi uyamthanda uJesu. (Mathewu 3:17) Wamkhuthaza uZlatka ukuba athandaze kuJehova ngakho, futhi akwenze umgomo wakhe ukutshela umyeni nendodakazi yakhe ukuthi uyabathanda.

 U-Ong-li uthi: “Ngemva nje kwezinsuku ezimbili, uZlatka ngenjabulo wangitshela ukuthi uthandazile kuJehova wacela usizo. Lapho umyeni wakhe ebuya ekhaya, wamtshela ukuthi ufundile eBhayibhelini indlela okubaluleke ngayo ngenkosikazi ukuba ihloniphe futhi ithande umyeni wayo. Wabe esethi ukuma kancane, ngemva kwalokho wamtshela ukuthi umthanda kakhulu! Lapho indodakazi yakhe ibuya ekhaya, uZlatka wayanga futhi wayitshela ukuthi uyayithanda! UZlatka wabe esethi kimi: ‘Manje ngizizwa ngikhululekile. Yonke le minyaka imizwa yami bengiyifukamele ngaphakathi kimi, kodwa ngosizo lukaJehova, ekugcineni sengiyakwazi ukutshela umndeni wami ukuthi ngiyawuthanda.’”

U-Ong-li uyaqhubeka nokuzama ukufundela omakhelwane bakhe iBhayibheli

 U-Ong-li uyaqhubeka, “Ngemva kweviki ngahlangana nomyeni kaZlatka, wathi kimi: ‘Abantu abaningi babengitshela ukuthi uZlatka akumelwe afunde iBhayibheli nawe, kodwa manje ngiyabona ukuthi ukufunda kwakhe kuyawuzuzisa ngempela umndeni wethu. Manje sinobuhlobo obufudumele nobunenjabulo.’”