Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Angiseyona Indoda Enesihluku”

“Angiseyona Indoda Enesihluku”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1973

  • Izwe Azalelwa Kulo: Uganda

  • Umlando: Ngangiyisidakwa esinodlame futhi ngiziphatha kabi

UKUPHILA KWAMI

 Ngazalelwa e-Uganda esifundeni saseGomba. Iningi labantu endaweni lalidla imbuya ngothi. Idolobha lakithi lalingenawo ugesi ngakho ebusuku sasikhanyisa ngeziketekete.

 Abazali bami ababengabalimi babethuthele e-Uganda besuka eRwanda. Babetshala ikhofi nobhanana bese kuthi ngobhanana benze utshwala obuthandwayo obubizwa ngewaragi. Abazali bami babezifuyele izinkukhu, izimbuzi, izingulube nezinkomo. Isiko lakithi nendlela engakhuliswa ngayo kwangenza ngakholelwa ukuthi umfazi kwakufanele alalele indoda yakhe ethand’ engathandi futhi angaphikisani nayo.

 Lapho ngineminyaka engu-23 ubudala, ngathuthela eRwanda lapho ngangiya khona emakilabhini omdanso nontanga yami. Kunekilabhu engangingapheli kuyo kangangokuthi umphathi wayo waze wanginikeza nekhadi lokungena kuyo ngingasakhokhi emnyango. Ngangiwakhonzile namamuvi aveza abantu abalwayo nobudlova obunyantisayo. Abantu engangiphila nabo nendlela engangizijabulisa ngayo kwangibangela ukuba ngibe isidakwa esinodlame futhi ngangingaziphathi kahle.

 Ngonyaka ka-2000, ngaqala ukukipita nowesifazane ogama lakhe uSkolastique Kabagwira futhi saba nezingane ezintathu. Njengoba vele ngangikholelwa ukuthi abesifazane kumelwe bakwenze lokhu, ngangilindela ukuba aguqe phambi kwami uma engibingelela noma ecela okuthile. Ngangicabanga nokuthi yonke into esasinayo yayibiza mina (ingeyami ngedwa) futhi ngingenza umathanda ngayo. Ngangivame ukuzikhipha ebusuku ngize ngibuye ngo-3 ekuseni, ngidakiwe njengenhlala-yenza. Ngangibe sengingqongqoza emnyango, futhi uma uSkolastique engavuli ngokushesha, ngangimshaya.

 Ngaleso sikhathi ngangisebenza njengenduna enkampanini yonogada ezimele futhi ngihola kahle impela. Uma ngisekhaya, uSkolastique wayezama ukungikhuthaza ukuba ngihambe naye siye esontweni likaMoya, ezitshela ukuthi lokhu nakanjani kwakuzongishintsha. Ngangingathandi ukuya esontweni lakhe. Kunalokho, ngaqala ukuthandana nenye intombi. Ngenxa yokuthi ngangimphatha ngonya futhi ngiziphatha kabi ngokocansi, uSkolastique wathatha abantwana bethu abathathu wayohlala nabazali bakhe.

 Umngane owayesijwayele osekhulile, wakhuluma nami ngendlela engase ngiphila ngayo. Wangikhuthaza ukuba ngibuyele kuSkolastique. Wathi abantwana bami abahle akukho lutho olubenza bafanelwe ukuhlukaniswa nobaba wabo. Ngakho ngo-2005, ngayeka ukuphuza utshwala, ngayilahla intombi yami ngabuyela kuSkolastique. Ngo-2006 sashada. Noma kunjalo, ngangisalokhu nginodlame futhi ngimhlukumeza umkami.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Ngo-2008, omunye woFakazi BakaJehova okuthiwa uJoël wavakashela umuzi wethu futhi ngawulalela umyalezo wakhe. Kwaphela izinyanga yena nomunye uFakazi, uBoneventure bengivakashela njalo futhi sasiba nezingxoxo ezishubile zeBhayibheli. Ngangibuza indathane yemibuzo, ikakhulukazi ngencwadi yesAmbulo. Eqinisweni, ngangizama ukubonisa ukuthi oFakazi banephutha. Ngokwesibonelo, ngabuza ukuthi basho kanjani ukuthi “isixuku esikhulu” okukhulunywa ngaso kusAmbulo 7:9 sizophila emhlabeni, kuyilapho ivesi lithi “simi phambi kwesihlalo sobukhosi [sikaNkulunkulu] naphambi kweWundlu,” uJesu Kristu. Ngesineke, uJoël wayiphendula imibuzo yami. Ngokwesibonelo, wangibonisa u-Isaya 66:1, lapho uNkulunkulu ebiza khona umhlaba ‘ngendawo yakhe yokubeka izinyawo.’ Ngakho empeleni isixuku esikhulu simi emhlabeni phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Ngabe sengifunda iHubo 37:29, elithi abalungile bayophila phakade emhlabeni.

 Ekugcineni, ngavuma ukufunda iBhayibheli naye. Ngakho uBoneventure waqhubela mina noSkolastique isifundo. Njengoba sasitadisha iBhayibheli, ngafisa ukwenza ushintsho ekuphileni kwami. Ngafunda ukuphatha umkami ngenhlonipho. Ngangingasalindele ukuba aguqe phambi kwami uma engibingelela noma ecela okuthile, ngayeka nokuthi yonke into umndeni wami owawunayo ibiza mina. Ngayeka nokubukela amamuvi anobudlova. Ukwenza lezi zinguquko kwakuwumqansa futhi kudinga ukuzithiba okukhulu kanye nokuthobeka.

IBhayibheli lingisizile ngaba umyeni ongcono kakhulu

 Eminyakeni embalwa ngaphambili ngangihambise indodana yethu eneminyaka engu-18 ubudala uChristian, ukuba iyohlala nezihlobo e-Uganda. Nokho, ngemva kokufunda uDuteronomi 6:4-7, ngaqonda ukuthi mina nomkami sinomthwalo phambi kukaNkulunkulu wokunakekela abantwana bethu, okuhlanganisa nokubafundisa lokho uNkulunkulu akufunayo kubo. Ave sajabula thina kanye nendodana yethu lapho ibuya ekhaya!

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ngifunde ukuthi uJehova unguNkulunkulu onomusa futhi nginokholo lokuthi ungithethelele endleleni engangicabanga ngayo nengangiziphethe ngayo ngaphambili. Ngiyajabula ngokuthi uSkolastique wavuma ukuba afundelwe kanye nami. Sanikezela ukuphila kwethu kuJehova sabe sesibhapathizwa ndawonye ngoDisemba 4, 2010. Manje sesiyethembana futhi sijabulela ukuphila ngemiyalo yeBhayibheli emndenini wethu. Kuyamthokozisa umkami ukungibona ngiqonda ngqo ekhaya ngemva komsebenzi. Uyakwazisa nokuthi ngimphatha ngendlela enesithunzi nenenhlonipho, ukuthi ngazinqumela ngokwami ukungabuthinti utshwala nokuthi angiseyona indoda enesihluku. Ngo-2015 ngamiswa njengomdala ukuze ngisize ekwaluseni ebandleni lakithi. Kubantwana bethu abahlanu, abathathu babhapathiziwe.

 Ngesikhathi ngiqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, angizange nje ngibe uvuma-zonke. Nokho, kwangihlaba umxhwele ukuthi babesebenzisa iBhayibheli ukuze baphendule imibuzo yami. Kancane kancane mina noSkolastique safunda ukuthi labo abathi bakhonza uNkulunkulu weqiniso, kumelwe baphile ngokuvumelana nezindinganiso zakhe, bangazami ukuzilulaza. Engikwazisa kakhulu, ukuthi uJehova wangivumela ukuba ngibe nobuhlobo obuseduze naye kanye nabanye abamkhonza ngokwethembeka. Uma ngicabanga ngokuphila kwami, ngiyaqiniseka ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu, noma yimuphi umuntu oqotho angazenza izinguquko ezidingekayo ukuze amjabulise.