Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 18

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

“Wena olalela imithandazo, zonke izinhlobo zabantu zizoza kuwe.”

IHubo 65:2

“Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”

IzAga 3:5, 6

“Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukuba bakwazi, wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile, uJesu Kristu.”

Johane 17:3

“Eqinisweni [uNkulunkulu akakude] kulowo nalowo kithi.”

IzEnzo 17:27

“Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungagcwala kakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.”

Filipi 1:9

“Uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, uyomnika kona ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”

Jakobe 1:5

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini. Hlanzani izandla zenu, nina zoni, futhi nihlanze izinhliziyo zenu, nina enimanqikanqika.”

Jakobe 4:8

“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”

1 Johane 5:3