Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-INDONESIA

Iphayona Elingesabi

U-André Elias

Iphayona Elingesabi
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1915

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1940

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Iphayona elinesibindi elama laqina izikhathi eziningi lapho liphenywa ngemibuzo futhi lisongelwa.

PHAKATHI neMpi Yezwe II, uMfoweth’ u-Elias nomkakhe, uJosephine, bavela phambi kwezikhulu zamaphoyisa eSukabumi, eNtshonalanga Java, ekomkhulu le-Kempeitai, amaphoyisa ezempi angamaJapane. U-André waphenywa kuqala ngemibuzo. Bamxina ngemibuzo enzima. “Bangobani oFakazi BakaJehova? Ingabe nimelene nohulumeni waseJapane? Niyizimpimpi?”

U-André waphendula: “Siyizinceku zikaNkulunkulu uMninimandla onke futhi asenzanga lutho olubi.” Isikhulu samaphoyisa sathatha inkemba sayibamba sayiphakamisa.

Sithukuthele, sathi: “Ungathini uma ngingakubulala manje?” U-André walalisa ikhanda lakhe edeskini wathandaza buthule. Kwake kwathula kwathi du, kwabe sekuzwakala iphoyisa liqhuma phezulu lihleka. Lathi: “Unesibindi!” Labe selibiza uJosephine. Lapho kutholakala ukuthi izimpendulo zabo ziyefana, iphoyisa labhavumula: “Anizona izimpimpi nina. Phumani la!”

Ngemva kwezinyanga eziningana, u-André wamangalelwa “abazalwane bamanga” wayeseboshwa. (2 Kor. 11:26) Kwaphela izinyanga eziningana ephila ngokudla izinsalela zokudla ayekuhlwaya epayipini lamanzi. Noma kunjalo, ojele behluleka ukwephula ubuqotho bakhe. Lapho uJosephine emvakashela, u-André wamhlebela engale kwezinsimbi zejele, wathi: “Ungaphatheki kabi. Kungakhathaliseki ukuthi bayangibulala noma bayangidedela, ngizohlala ngithembekile kuJehova. Ngingamane ngiphume ngiyisidumbu la, ngeke ngiphume ngiyisihlubuki.”

Ngemva kwezinyanga eziyisithupha esejele, u-André wavela phambi kweNkantolo Ephakeme YaseJakarta, wayesededelwa.

Ngemva kweminyaka engu-30, lapho uhulumeni wase-Indonesia uphinde uvimba oFakazi BakaJehova, ummeli waseManado, eNyakatho Sulawesi, wabizela u-André ehhovisi lakhe. Wambuza: “Uyazi ukuthi oFakazi BakaJehova bavinjelwe?”

“Yebo,” kuphendula u-André.

“Usukulungele ukushintsha inkolo yakho manje?” kubuza ummeli.

U-André wathi ukugoba kancane wayesezishaya isifuba. Washo ngezwi elikhulu: “Ningamane ningibulale, kodwa anisoze nangishintshisa inkolo yami.”

Lo mmeli wamdedela u-André, akaphindange wamhlupha.

Ngo-2000, u-André washona eneminyaka engu-85, ngemva kweminyaka engu-60 eyiphayona elishisekayo.