Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

UJehova Uvule Izinhliziyo Zabaningi

ULeonardo Amor

UJehova Uvule Izinhliziyo Zabaningi
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1943

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1961

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wathola iqiniso esemusha futhi usekhonze uJehova isikhathi esigcwele iminyaka engaphezu kuka-50.

NGEMVA cishe kwenyanga uTrujillo ebulewe ngo-1961, ngabhapathizwa ngesikhathi ngiseyunivesithi ngifunda ezomthetho. Ubaba wayefuna ngibe ummeli kodwa mina ngabona ukuthi imfundo yaphezulu iphakeme. Ngakho, nakuba ubaba ayengicindezela, ngayeka eyunivesithi. Ngemva nje kwalokho, ngamiswa njengephayona elikhethekile.

Esinye sezabelo zami sasiseLa Vega, okuyindawo okwase kuyisikhathi eside ihlala amaKatolika. Ngesikhathi ngilapho, akekho owamukela amaqiniso. Lapho nginikeza izinkulumo zeningi, kwakuba khona umzalwane engangiphayona naye kuphela. Kodwa uJehova wangiqinisa ngesifundo somuntu siqu, ngokuya emihlanganweni emikhulu nangemithandazo esuka enhliziyweni. Ngathandaza ngabuza uJehova ukuthi liyoke libe khona kodwa ibandla la eLa Vega. Ngiyajabula ukusho ukuthi sekunamaHholo OMbuso angu-6, amabandla angu-14 nabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-800.

Ngo-1965 ngashada nomkami u-Ángela, kwathi ngo-1981 samenywa ukuba siyokhonza eBethel. Ngesikhathi ngibhapathizwa, kwakunabamemezeli abangu-681 kuphela kuleli. Manje sinabamemezeli abangaphezu kuka-36 000 futhi kuba khona izinkulungwane emihlanganweni yethu ehlukahlukene. Uma ngibheka emuva, kuyangimangaza ukubona indlela uJehova avule ngayo izinhliziyo zabaningi kangaka ukuba zamukele amaqiniso eBhayibheli.

IKomiti Yegatsha, kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UReiner Thompson, uJuan Crispín, uThomas Dean, uLeonel Peguero, uLeonardo Amor noRichard Stoddard