Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

EKyrgyzstan

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ukunikezelwa Kwamagatsha

Ukunikezelwa Kwamagatsha

AMAVOLONTIYA endawo navela kwamanye amazwe asebenza kanzima unyaka nesigamu ukuze alungise futhi anwebe izakhiwo zegatsha laseBishkek, inhloko dolobha yeKyrgyzstan. Isimiso sokunikezela saba ngo-October 24, 2015, ngemva nje kwenyanga umsebenzi uphelile. Izilaleli ezingaphezu kuka-3 000 ezazisemaHholo OMbuso angu-18 nakwezinye izindawo ezinhlanu zakujabulela kakhulu ukuxhunywa nge-video. UStephen Lett weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokunikezela eyayinesihloko esikhuthazayo esithi “Khonza UJehova Ngenhliziyo Ephelele.” Ngosuku olulandelayo, kwaba nesimiso esiqinisa ukholo esethulwa kubamemezeli abaningi kuleli zwe.

Igatsha laseKyrgyzstan

NgoMgqibelo, May 14, 2016, kwaba khona abangu-6 435 lapho kunikezelwa ihhovisi legatsha lase-Armenia, eliyizitezi eziyisithupha esakhiweni esihle esiyizitezi ezingu-18. Kwanikezelwa neHholo LoMhlangano kanye nezakhiwo zeSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Izinkulumo ezanikezwa kulesi simiso zakhuluma nangesiqalo sezinceku zikaJehova e-Armenia. Abantu base-Armenia ababefudukele eMelika baqala ukuzwa iqiniso ngasekuqaleni kwekhulu lamashumi amabili kamuva e-Armenia lafika ngawo-1970, ngesikhathi izwe lisayingxenye yeSoviet Union. Muva nje inhlangano ibhaliswe ngokomthetho kwamiswa negatsha. Iningi lababekhona lalingacabangi ukuthi laliyokubona konke lokhu kwenzeka. Kwezwakala ihlombe elikhulu lapho ababekhona bevumelana noDavid Splane weNdikimba Ebusayo ukuba kunikezelwe lezo zakhiwo ezinhle kuJehova.

E-Armenia

Ngenhla: Kunikezelwa igatsha lase-Armenia

Phakathi nendawo: Abafowethu nodade basemhlanganweni okhethekile

Ngezansi: Umdanso wase-Armenia