Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

EChina

Izinga lesehlukaniso eBeijing lenyuke ngamaphesenti angu-41 ezinyangeni zokuqala ezingu-9 zika-2013 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2012. Ochwepheshe bakholelwa ukuthi lokhu kwenyuka kungenzeka kubangelwe imibhangqwana ezama ukugwema intela esanda kumiswa nguhulumeni engamaphesenti angu-20, ethathwa emalini yokuthengiswa kwezindlu. Ngaphansi kwezimo ezithile, intela iyancishiswa kunoma imiphi imibhangqwana ehlukanisile uma ithengisa umuzi wesibili.

Amazwe Omhlaba

INhlangano Yezizwe ihlongoze ukuba abantu abaningi badle izinambuzane ukuze kunqandwe inkinga yokungondleki. Ngokombiko wamuva, izinga eliphakeme lomsoco otholakala kulezi zinambuzane ezidliwayo “lenza kubonakale kungcono ukuba abantu badle zona esikhundleni senyama evamile.” Nokho, lo mbiko uphawula ukuthi “kweminye imiphakathi kunabantu abangakuthandi ukudla [izinambuzane].”

ECanada

Imitholampilo esiza abanenkinga yokuthola abantwana, ishikashikana nokuthola izindlela ezingokomthetho nezingawulimazi unembeza, ngalokho engakwenza ngemibungu egcinwe emakhazeni, “ebanikazi” bayo abangasatholakali. Kubikwa ukuthi owodwa kule mitholampilo, ugcine imibungu engu-1 000 yabantu okwahlanganiswa amaqanda abo “abangasabonwa nangokhalo.”

E-Ireland

AmaKatolika ashadayo e-Ireland kwakufanele akhethe phakathi kokushadiswa isonto noma ukushada ngokwesiko kwaze kwaba ngu-2013, lapho kuqale khona ukushada ngendlela engeyona engokwenkolo. Ngokombiko wezindaba we-Reuters, “ukungaphumeli obala kwabantu abafuna okungaphezu komshado wesiko kodwa futhi abangawufuni umshado wesonto, kubadalele umsebenzi omkhulu” labo ababhalisa imishado engeyona engokwenkolo.