Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Amaphupho Avela KuNkulunkulu

Amaphupho Avela KuNkulunkulu

Ingabe uNkulunkulu wake wawasebenzisa amaphupho ukuze axhumane nabantu?

“[Umprofethi kaNkulunkulu] uDaniyeli wabona iphupho esembhedeni wakhe. Ngaleso sikhathi waliloba phansi leli phupho. Wazilandisa ngokuphelele zonke izindaba.”Daniyeli 7:1.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu uye wadlulisela imiyalezo ebalulekile kubantu ngezindlela ezihlukahlukene. Ngezikhathi zeBhayibheli, wayesebenzisa amaphupho ngezikhathi ezithile. Kodwa kwakungabi amaphupho angaqondakali nangacacile. Amaphupho avela kuNkulunkulu ayecacile, eqondakala futhi enomyalezo oqondile. Ngokwesibonelo, kwelinye iphupho umprofethi uDaniyeli wabona izilo ngokulandelana kwazo, ezazifanekisela imibuso yezombusazwe, kusukela kowaseBhabhiloni kuze kube kowosuku lwethu. (Daniyeli 7:1-3, 17) Ngephupho, uNkulunkulu watshela uJosefa waseNazaretha, usingayise kaJesu, ukuba yena nomkakhe kanye nengane babalekele eGibhithe. Ngaleyo ndlela, uJesu waphunyuka ekubulaweni iNkosi uHerode. Lapho uHerode esefile, uNkulunkulu wembulela uJosefa ngokufa kwakhe ephusheni, ngesikhathi esifanayo wamtshela ukuthi athathe umndeni wakhe abuyele nawo ezweni lakubo.—Mathewu 2:13-15, 19-23.

 Ingabe uNkulunkulu usebenzisa amaphupho ukuze axhumane nathi namuhla?

“Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiwe.”1 Korinte 4:6.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Amaphupho alotshwe eBhayibhelini ayingxenye yesambulo sikaNkulunkulu esibhalelwe isintu. Ngokuphathelene naleso sambulo, eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 ithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”

IBhayibheli ‘lisihlomisa ngokuphelele’ ngokuthi lisembulele konke okudingeka sikwazi ngoNkulunkulu, izimfanelo zakhe, izindinganiso zakhe zokuziphatha nendawo yethu enjongweni yakhe ngomhlaba. Ngakho, uNkulunkulu akasasebenzisi amaphupho ukuze adlulisele imiyalezo kubantu. Uma sifuna ukufunda ngekusasa nangentando kaNkulunkulu ngathi, kudingeka ‘singeqeli ngale kwezinto ezilotshiwe,’ okuyizinto ezilotshwe eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, cishe isintu nje sisonke singayithola le ncwadi futhi singafunda ngezambulo eziningi ezivela kuNkulunkulu, kuhlanganise namaphupho.

Kungani ungawethemba amaphupho nemibono okulotshwe eBhayibhelini?

“Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”2 Petru 1:21.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Amaphupho amaningi nemibono etholakala eBhayibhelini kwakuyisiprofetho, okusho ukuthi kwakubikezela ngezinto ezazisazokwenzeka. Ngokuloba lezi ziprofetho, abalobi beBhayibheli benza ukuba ukwethembeka kwabo nokwemiBhalo kuvivinywe. Ingabe abakuloba kwagcwaliseka ngokunembile? Cabangela isibonelo sombono otholakala kuDaniyeli 8:1-7, owalotshwa ngasekupheleni koMbuso waseBhabhiloni.

Sisebenzisa imifuziselo, lesi siprofetho sahilela inqama kanye nempongo eyangqimuza inqama yayilahla phansi. Akudingekanga ukuba uDaniyeli aqagele incazelo yalo mbono. Isithunywa sikaNkulunkulu esiyingelosi samemezela: ‘Inqama enezimpondo ezimbili imelela amakhosi aseMediya nasePheresiya. Impongo enoboya obude imelela inkosi yaseGrisi.’ (Daniyeli 8:20, 21) Umlando wezwe uyakufakazela ukuthi amaMede namaPheresiya alandela iBhabhiloni njengombuso wezwe onamandla. Kwabe sekuthi eminyakeni engamakhulu amabili kamuva, amaMede namaPheresiya anqotshwa u-Alexander Omkhulu waseGrisi. Lokhu kunemba okungaka kuyinto esidume ngayo isiprofetho seBhayibheli, kuhlanganise namaphupho ayisiprofetho. Leli qiniso ngokwalo lenza iBhayibheli libe incwadi ehluke ngokuphelele kuzo zonke ezinye izincwadi ezingcwele, lilenze likufanelekele ukuba silethembe.