Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokubhekana Nokutubeka

Indlela Yokubhekana Nokutubeka

U-ANIL wayekhathele ngokwedlulele. Wayamukele umsebenzi omusha ngoba wawuzomenzela igama futhi umnike neholo eliphakeme. Kodwa manje wayesesebenza kuze kube sebusuku kakhulu futhi esebenza nangezimpelasonto, ngezinye izikhathi esebenza amahora angu-80 ngesonto. Uthi, “Kwakungekho nhlobo ukuhleleka emsebenzini, futhi zonke izinto zazisemahlombe ami. Ngacabanga: ‘Yini le engizifake kuyo? Uma ngingenzi izinguquko, ngizolimala.’” U-Anil wayeya ngokuya etubeka.

Ukutubeka kwasemsebenzini akukhona ukukhathala nje okungatheni, kungaphezu kokucindezelwa umsebenzi okuvamile kwansuku zonke. Ukutubeka kuphawuleka ngokuhlale ukhathele, ukukhungatheka ngokweqile kanye nokuphelelwa amandla. Abantu ababhekene nokutubeka bavame ukungayihileli imizwelo yabo emsebenzini abawenzayo, ukungabi namdlandla nokungakhiqizi kahle. Ucwaningo luphinde luhlobanise ukutubeka nezinkinga eziningi ezingokomzwelo nezingokomzimba.

Yini ebangela ukutubeka? Ngokuvamile ukusebenza ngokweqile kuyimbangela. Ngenxa yezingcindezi zezomnotho, abanye abaqashi bafuna izisebenzi zisebenze amahora amaningi, ngezinye izikhathi zisebenzela imali encane. Namuhla ezobuchwepheshe zenza abanye bahlale besemsebenzini, ungabe usaba khona umehluko phakathi kwesikhathi somsebenzi nesokuba sekhaya. Kwabanye, ukwesaba ukulahlekelwa umsebenzi, ukungakwazi ukulawula umsebenzi wabo noma umuzwa wokuthi abaphathwa ngokufanele, kunomthelela ekubenzeni batubeke. Kungokufanayo nangokunikwa imisebenzi eminingi ephuthumayo noma ukuxabana nabantu osebenza nabo.

Umuntu naye angazibangela ukutubeka. Emzamweni wokuphishekela imisebenzi engcono neholela kakhulu, abanye bazama ukwenza imisebenzi eminingi kakhulu ekuphileni. Abantu abanjalo bangazithola benezibopho eziningi futhi bazithole sebesengozini yokutubeka.

Uma umsebenzi wakho ukwenza utubeke, yini ongayenza ukuze ululame? Kuyavunywa ukuthi ukwenza ushintsho kungase kubonakale kungenakwenzeka uma unomuzwa wokuthi ubhekene nezimo ezingaphezu kwamandla akho. Noma kunjalo, cabangela izinyathelo ezine ezilandelayo zokubhekana nokutubeka. Kungenzeka kuningi ongakwenza kunalokho okucabangayo.

 1. HLOLISISA UKUTHI YINI EZA KUQALA KUWE.

Yini ebaluleke kakhulu kuwe? Cishe abantu abaningi bayothi ubuhlobo namalungu omndeni nokuba nempilo enhle, yikona okubaluleke kakhulu. Lezi yizinto cishe eziyolimala uma utubekile.

Ngokuba nombono ocacile ngezinto eziza kuqala, uzilungiselela ukwenza izinqumo ezinzima futhi ukulungele ukudela okuthile. Ngokwesibonelo, ungase uphawule ukuthi umsebenzi owenzayo ukwenza utubeke. Noma kunjalo ungase uthi, ‘Angikwazi ukuthola omunye umsebenzi noma ukunciphisa isikhathi engisisebenzayo; ngiyayidinga imali!’ Yiqiniso, wonke umuntu uyayidinga imali, kodwa udinga engakanani futhi uzimisele ukuzidela ngezinga elingakanani izinto ezibalulekile ngenxa yayo?

Qaphela ingcindezi yokuthatha izinto eziza kuqala kwabanye uzenze eziza kuqala nakuwe. Cishe izinto ezibalulekile kumqashi wakho azifani nezinto ezibalulekile kuwe. Abanye bangase bakhethe ukubeka umsebenzi endaweni yokuqala ekuphileni, kodwa lokho akusho ukuthi nawe kumelwe wenze njalo.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “NGISHO NALAPHO UMUNTU ENENSADA UKUPHILA KWAKHE AKUVELI EZINTWENI ANAZO.”—LUKA 12:15

2. YENZA UKUPHILA KWAKHO KUBE LULA.

Ukuze unciphise ukucindezeleka futhi uthole nesikhathi sezinto ezibaluleke ngempela kuwe, ungase ucabangele ukusebenza amahora ambalwa, ungase ukwazi ukuncenga umqashi wakho akunciphisele umsebenzi owenzayo noma ungase unqume ukuthi udinga omunye umsebenzi. Kungakhathaliseki ukuthi unqumani, cishe kuyodingeka wenze ushintsho esimweni sakho sezimali nasendleleni yokuphila. Kodwa lokhu akuyona into engenakwenzeka futhi kungase kungabi nzima njengoba ungase ucabange.

Emazweni amaningi, umphakathi ogxile kwezentengiselwano unikeza isithombe sokuthi injabulo ixhomeke emalini oyiholayo nasezintweni onazo. Kodwa empeleni akunjalo. Ukuphila okulula kungakulethela inkululeko enkulu nokwaneliseka. Ukuze ulungiselele lezo zinguquko, nciphisa izindleko futhi wonge imali. Zama ukunciphisa izikweletu noma uziqede. Xoxa nomndeni wakho ngesidingo sokwenza ushintsho futhi ucele ukuba ukusekele.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “UMA SINOKUDLA NOKOKWEMBATHA, SIYOKWANELISWA YILEZI ZINTO.”—1 THIMOTHEWU 6:8

 3. FUNDA INDLELA YOKUZIBEKELA IMINGCELE ENDABENI YOMSEBENZI.

Uma uzithola unomsebenzi omningi ngokweqile noma kunenye inkinga ephikelelayo emsebenzini, xoxa nomqashi wakho ngaleso simo. Noma nini uma kungenzeka, yiza nesisombululo esingahlangabezana nezidingo zakho nezomqashi wakho. Mqinisekise umqashi ngokuthi uzimisele ngomsebenzi futhi umchazele nokuthi yini ozimisele ukuyenza; kodwa kwenze kucace ukuthi yini ongeke ukwazi ukuyenza futhi uqine kulokho.

Sebenzisa ukwahlulela okuhle futhi ube nombono ofanele. Uma ufuna ukusebenza isikhathi esincane, umqashi wakho uyolindela ukuba uzimisele ukwamukela iholo elincane. Lindela imiphumela ongase ubhekane nayo njengokwesatshiswa ngokuthi uzoxoshwa futhi uzilungiselele ukuthi uyosabela kanjani. Khumbula ukuthi unamathuba amakhulu okuba uthole omunye umsebenzi uma usasebenza.

Ngisho noma sekukhona enivumelene ngakho nomqashi wakho ngendaba yomsebenzi, kufanele ukulindele ukuthi ungaphinde ucindezelwe ukuba wenze umsebenzi owengeziwe. Yini engakusiza ukuba uqine esinqumweni sakho? Ukunamathela esinqumweni osenzile. Ukwenza kanjalo kungakunikeza ithuba lokuba ucele umqashi wakho ukuba naye enze okufanayo, kuhlanganise nokukunika umsebenzi enivumelane ngawo.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “IZWI LENU ELINGU-YEBO MALISHO UYEBO, U-CHA WENU, ASHO UCHA.”—MATHEWU 5:37

 4. THOLA INDLELA YOKUZIVUSELELA.

Ngisho noma umsebenzi wakho ungenazo izinkinga ezinkulu, kusengenzeka ubhekane nokucindezeleka okuthile, abantu abakhathazayo nezimo ezingajabulisi. Ngakho zinike isikhathi sokuphumula ngokwanele nokuzilibazisa okungeqisi. Khumbula ukuthi ukuzilibazisa akudingeki kubize kakhulu ukuze kwenze wena nomndeni wakho niqabuleke.

Thola abangane nezinto ongazenza okungahlobene nomsebenzi wakho, futhi ugweme nokuzibheka ngokohlobo lomsebenzi owenzayo nokuthi ukuliphi izinga. Ngani? Incwadi ethi Your Money or Your Life iyaphawula: “Umuntu onguye ubaluleke kakhulu kunomsebenzi wokuziphilisa owenzayo.” Uma lokho oyikho nokubaluleka kwakho kuncike ngokuyinhloko emsebenzini owenzayo, khona-ke uyokuthola kunzima ukunciphisa indima yomsebenzi ekuphileni kwakho.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “KUNGCONO UKUPHUMULA OKUNCANE KUNOMSEBENZI ONZIMA OMNINGI NOKULWELA UKUFICA UMOYA.”—UMSHUMAYELI 4:6

Ungazenza yini ngempela izinguquko ezidingekayo ukuze unqobe ukutubeka? Yebo ungazenza. U-Anil, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, wazenza. Uthi, “Ngaxhumana nomqashi wami wangaphambili ngambuza ukuthi angangibuyisela yini emsebenzini. Nganginamahloni okuthi ngizobabheka kanjani abantu engangisebenza nabo ngemva kokuba ngikhulume ‘ngokuyofuna amadlelo aluhlaza.’ Kanti yancipha kakhulu nemali engangiyihola. Kodwa ngaba nokuthula kwengqondo futhi ngaba nesikhathi esengeziwe somndeni wami nezinye izinto ezibaluleke ngempela kimi.”