Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuhlupheka

Ukuhlupheka

Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwabantu, noma uma engakubangeli, akanandaba nako. Kodwa ingabe yilokho okufundiswa yiBhayibheli? Ingase ikumangaze impendulo.

Ingabe nguNkulunkulu obangela ukuba sihlupheke?

“Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akenzi ngokukhohlakala.”Jobe 34:12.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye bathi konke okwenzekayo kuyintando kaNkulunkulu. Ngakho, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu obangela ukuhlupheka. Ngokwesibonelo, uma kugadla inhlekelele yemvelo, bacabanga ukuthi kusuke kuyindlela kaNkulunkulu yokujezisa labo abonile.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu akakubangeli ukuhlupheka kwethu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uma sibhekene nezilingo kungaba yiphutha ukuthi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” Kungani? Ngoba “uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akalokothi abangele izilingo esibhekana nazo noma ukuhlupheka okuba umphumela wazo. Ukwenza kanjalo kungaba ukukhohlakala, kodwa “uNkulunkulu akenzi ngokukhohlakala.”—Jobe 34:12.

Uma uNkulunkulu engakubangeli ukuhlupheka kwethu, pho ubani noma yini ekubangelayo? Ngokudabukisayo, abantu bavame ukuhlushwa abanye abantu abangaphelele. (UmShumayeli 8:9) Ngaphezu kwalokho, singabhekana nezinhlekelele ngenxa ‘yezenzakalo ezingalindelekile’—okuwukuthi, ngenxa nje yokuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. (UmShumayeli 9:11) IBhayibheli lifundisa ukuthi empeleni “umbusi waleli zwe,” uSathane uDeveli, nguye obangela ukuhlupheka kwabantu, ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 12:31; 1 Johane 5:19) NguSathane—hhayi uNkulunkulu—obangela ukuba abantu bahlupheke.

Ingabe uNkulunkulu unendaba nokuhlupheka kwethu?

“Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.”Isaya 63:9.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu akanandaba nokulingwa kwethu. Ngokwesibonelo, omunye umbhali wabhekisela kulokho akubiza ngokuthi ‘ukuntula kukaNkulunkulu umusa noma isihe ngokuhlupheka kwethu.’ Lo mbhali ugomela ngokuthi uma kuwukuthi uNkulunkulu ukhona, kumelwe ukuba “akazwelani nhlobo” nabantu.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Kunokuveza uNkulunkulu njengongenazwela noma ongakhathaleli, iBhayibheli lifundisa ukuthi kumthinta ngokujulile ukuhlupheka kwethu—nokuthi uzokuqeda maduzane. Cabanga ngala maqiniso amathathu aduduzayo atholakala eBhayibhelini.

UNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka kwethu. Kusukela ekuqaleni kokuhlupheka kwabantu, akukho neconsi elilodwa lonyembezi eliye lawela phansi uJehova engaluboni, * “amehlo akhe akhanyayo” abona yonke into. (IHubo 11:4; 56:8) Ngokwesibonelo, ngesikhathi izikhonzi zakhe zasendulo ziyizigqila, uNkulunkulu wathi: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami.” Kodwa ingabe wayebubona nje ngendlela engatheni ubuhlungu babo? Cha, ngoba wanezela: “Ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” (Eksodusi 3:7) Abantu abaningi baye bathola induduzo kulelo qiniso lilodwa nje—ukucabanga ngokuthi uNkulunkulu uyakubona konke ukuhlupheka kwethu, ngisho nezilingo abanye abangeke bazibone noma baziqonde ngokugcwele.—IHubo 31:7; IzAga 14:10.

UNkulunkulu uyasizwela lapho sihlupheka. UJehova uNkulunkulu akakuboni nje kuphela ukuhlupheka kwesintu kodwa futhi kumthinta ngokujulile. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wayekhathazeke ngempela lapho izikhonzi zakhe zasendulo zibhekene novivinyo. IBhayibheli lithi: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” (Isaya 63:9) Nakuba uNkulunkulu emkhulu kakhulu kunabantu, uyabazwela labo abahluphekayo—njengokungathi ubuhlungu babo busenhliziyweni yakhe! Ngempela, “uJehova unothando futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasisiza sikukhuthazelele ukuhlupheka kwethu.—Filipi 4:12, 13.

UNkulunkulu uzokuqeda konke ukuhlupheka kwabantu. NgokweBhayibheli, uNkulunkulu uyoqeda ukuhlupheka kwawo wonke umuntu emhlabeni. Esebenzisa uMbuso wakhe wasezulwini, uJehova uyosishintsha ngokuphelele isimo isintu esikuso—sibe ngcono kakhulu. Mayelana naleso sikhathi, iBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) Kuthiwani ngalabo asebashona kakade? UNkulunkulu uyobabuyisela ekuphileni khona lapha emhlabeni ukuze nabo bajabulele ukuphila okungenakho ukuhlupheka. (Johane 5:28, 29) Ukhona yini oyoqhubeka ehlushwa yizinkumbulo ezibuhlungu zokuhlupheka kwesikhathi esidlule? Cha, ngoba uJehova uyathembisa: “Izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”—Isaya 65:17. *

^ isig. 13 UJehova, yigama likaNkulunkulu njengoba lembulwe eBhayibhelini.

^ isig. 15 Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka okwesikhathi esithile nokuthi uzokuqeda kanjani, sicela ubheke izahluko 8 no-11 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.