Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuphinga

Ukuphinga

Nakuba ukwethembeka emshadweni kuqhakanjiswa kakhulu, ukuphinga kuyaqhubeka kubhidliza imizi eminingi.

Kuyini ukuphinga?

OKUSHIWO ABANTU

Amanye amasiko awakubheki ukuya ocansini nomuntu ongashadile naye njengokungalungile, ikakhulukazi uma kwenziwa indoda. Kanti amanye, awawubheki umshado njengesibopho esihlala njalo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

EBhayibhelini, elithi ukuphinga, ngokuvamile libhekisela ebuhlotsheni bobulili obenziwa umuntu oshadile—kungaba owesilisa noma owesifazane—evumelene nomuntu angashadile naye. (Jobe 24:15; IzAga 30:20) Ukuphinga kuyinto enyanyekayo emehlweni kaNkulunkulu. Kwa-Israyeli wasendulo, isijeziso sako sasiwukufa. (Levitikusi 18:20, 22, 29) UJesu wafundisa ukuthi abalandeli bakhe kumelwe bakubalekele ukuphinga.—Mathewu 5:27, 28; Luka 18:18-20.

OKWENZA KUBALULEKE

Iziphingi zephula isifungo esibalulekile ezasenza nabantu ezishade nabo ngosuku lomshado. Kanti futhi ukuphinga ‘kuwukona kuNkulunkulu.’ (Genesise 39:7-9) Ukuphinga kungahlukanisa abazali nabantwana babo kabuhlungu. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lixwayisa ngokuthi ‘uNkulunkulu uyozahlulela iziphingi.’—Hebheru 13:4.

“Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”Hebheru 13:4.

Ingabe ukuphinga kuyasinqamula isibopho somshado?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli liyamvumela umuntu oshadile ukuba anqamule isibopho somshado uma ashade naye ehileleke ekuziphatheni okubi ngokobulili. (Mathewu 19:9) Lokhu kusho ukuthi ngemva kwesenzo sokungathembeki, ongenacala unelungelo lokunquma ukuthi uzohlala yini kulowo mshado noma uzofuna isehlukaniso. Lesi yisinqumo somuntu siqu.—Galathiya 6:5.

Ngakolunye uhlangothi, emehlweni kaNkulunkulu, umshado uyisibopho esingcwele sokuphila konke. (1 Korinte 7:39) UNkulunkulu uyamzonda umuntu ofuna isehlukaniso esisekelwe ezizathwini ezingathi shú, njengalapho umuntu enganelisekile ngomuntu ashade naye. Ngakho-ke, isinqumo esiphathelene nokwehlukanisa akufanele senziwe kalula.—Malaki 2:16; Mathewu 19:3-6.

“Ngithi kini wonke umuntu ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, umbeka esimweni sokuphinga.”Mathewu 5:32.

Ingabe ukuphinga kuyisono esingenakuthethelelwa?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Cha. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ubabonisa umusa labo abaphendukayo futhi bazishiye izono zabo—kuhlanganise nesokuphinga. (IzEnzo 3:19; Galathiya 5:19-21) Empeleni, iBhayibheli likhuluma ngabesilisa nabesifazane abayeka ukuba yiziphingi base beba abangane bakaNkulunkulu.—1 Korinte 6:9-11.

UNkulunkulu wabonisa umusa endabeni yeNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo. UDavide waphinga nenkosikazi yesinye sezikhulu zebutho lakhe. (2 Samuweli 11:2-4) IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “le nto uDavide ayeyenzile yabonakala iyimbi emehlweni” kaNkulunkulu. (2 Samuweli 11:27) Ngemva kokusolwa, uDavide waphenduka futhi uNkulunkulu wamthethelela. Noma kunjalo, uDavide wabhekana nemiphumela ebuhlungu yezenzo zakhe. (2 Samuweli 12:13, 14) Kamuva inkosi ehlakaniphile uSolomoni yakufakazela ukuthi, ‘noma ubani ophingayo uswele inhliziyo.’—IzAga 6:32.

ONGAKWENZA

Uma uphingile, kufanele ucele intethelelo kuNkulunkulu nakoshade naye. (IHubo 51:1-5) Funda ukuzonda ukuphinga ngendlela uNkulunkulu akuzonda ngayo. (IHubo 97:10) Zimisele ukugwema izithombe ezingcolile zobulili, ukuhlale ucabanga ngocansi, ukudlala ngothando, nanoma yini enye engakwenza ube nesifiso sokuya ocansini nomuntu ongashadile naye.—Mathewu 5:27, 28; Jakobe 1:14, 15.

Uma oshade naye eye waphinga, qiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyayiqonda indlela ozizwa ngayo. (Malaki 2:13, 14) Cela induduzo nesiqondiso sakhe sothando futhi “uyokusekela.” (IHubo 55:22) Uma ukhetha ukumthethelela oshade naye futhi niqhubeke nishadile, nobabili kuyodingeka nisebenze kanzima ekwakheni kabusha isibopho somshado wenu.—Efesu 4:32.

Umprofethi uNathani wathi kuDavide owaphenduka ngemva kokuphinga, “noJehova uyasidlulisa isono sakho.”2 Samuweli 12:13.