Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Kungani kwakuzuzisa ukuba kwamukelwe kokubili amahobhe namajuba njengeminikelo?

NGAPHANSI koMthetho, kokubili amahobhe namajuba kwakwamukelekile njengeminikelo eya kuJehova. Lezi zinyoni ezimbili zazihlale zibalwa ndawonye emithethweni ekhuluma ngemihlatshelo futhi esinye sasingathatha indawo yesinye. (Lev. 1:14; 12:8; 14:30) Kungani kwakuzuzisa lokho? Esinye isizathu ukuthi amahobhe ayengatholakali kalula njalo. Kungani?

Ihobhe

Amahobhe ayizinyoni ezifudukayo ezihlala kwa-Israyeli phakathi nezinyanga ezifudumele. Njalo ngo-Okthoba, ziyafuduka ziye emazweni aseningizimu afudumele, zibuyele kwa-Israyeli entwasahlobo. (IsiHl. 2:11, 12; Jer. 8:7) Kwa-Israyeli wasendulo, lokhu kwakusho ukuthi kwakunzima ngomIsrayeli ukunikela ngamahobhe njengomhlatshelo ebusika.

Ijuba

Ngakolunye uhlangothi, amajuba awavamile ukufuduka ngakho ayehlale ekhona kwa-Israyeli. Ngaphezu kwalokho, amajuba ayefuywa. (Qhathanisa noJohane 2:14, 16.) Ngokwencwadi ethi Bible Plants and Animals, “yonke imizi namadolobha asePalestine yayifuye amajuba. Umninikhaya ngamunye wayeba nesidleke, noma imbobo odongeni, lapho zazingahlala khona izinyoni.”​—Qhathanisa no-Isaya 60:8.

Ijuba esidlekeni

Ngakho, uJehova wayebonisa ukuthi unothando futhi uyacabangela lapho amukela izinyoni ezazitholakala kalula kuma-Israyeli unyaka wonke ukuba zibe iminikelo.