Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?

Yini UMbuso KaNkulunkulu Ozoyenza?

UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso uze. Wayazi ukuthi izimo ezimbi ezisemhlabeni aziyona intando kaNkulunkulu futhi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kukahulumeni oyokwazi ukuxazulula lezi zinkinga. Yini uMbuso kaNkulunkulu ozoyenza?

LOKHO UMBUSO KANKULUNKULU OSUKWENZILE

Esihlokweni esidlule, sixoxe ngesibonakaliso uJesu asikhipha. Leso sibonakaliso sinika ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uMbuso kaNkulunkulu usumisiwe emazulwini futhi iNkosi yawo uJesu Kristu.

IBhayibheli lithi lapho ethatha amandla oMbuso, uJesu wayezoxosha uSathane namademoni akhe ezulwini. Okwamanje bakwazi ukulawula kuphela okwenzeka emhlabeni, okungesinye sezizathu esenza ukuba izinto zibe zimbi kangaka kusukela ngonyaka ka-1914.​—IsAmbulo 12:7, 9.

Naphezu kwezimo eziya ziba zimbi nakakhulu emhlabeni, uJesu, njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, wenze izinto ezithile ukuze asize abantu emhlabeni. Ngenxa yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke owabikezelwa uJesu, abaningi baye bafunda futhi basebenzisa ulwazi oluseBhayibhelini ekuphileni kwabo. (Isaya 2:2-4) Abantu abaningi baye bafunda ukungavumeli umsebenzi wokuziphilisa ukuba udle sonke isikhathi sabo, bafunda ukuthuthukisa ukuphila kwemindeni yabo nokujabulela izinto abanazo ngaphandle kokuba izigqila zazo. Laba bafundiswa ukuba bazuze manje futhi babe uhlobo lwabantu uNkulunkulu alufunayo eMbusweni wakhe.

YINI ENYE EZOKWENZIWA UMBUSO KANKULUNKULU?

Nakuba uJesu esebusa kakade ezulwini, ohulumeni babantu basabusa emhlabeni. Nokho, uNkulunkulu unikeze uJesu lo myalo: “Nqoba phakathi kwezitha zakho.” (IHubo 110:2) Maduze, uJesu uzobhubhisa bonke abaphikisi, abalethele impumuzo labo abazimisele ukulalela uNkulunkulu.

Ngaleso sikhathi, uMbuso kaNkulunkulu

  • Uyoyiqeda ngokuphelele inkolo yamanga. Izinkolo ezifundise amanga ngoNkulunkulu futhi ezenze ukuphila kwabantu kwaba nzima ziyoqedwa. IBhayibheli lifanisa inkolo yamanga nesifebe. Ukubhujiswa kwayo kuyobashaqisa abaningi.​—IsAmbulo 17:15, 16.

  • Uyoqeda imibuso yabantu. UMbuso kaNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokuqeda yonke imibuso yabantu.​—IsAmbulo 19:15, 17, 18.

  • Uyosusa abantu ababi. Kuthiwani ngalabo abangazimisele ukuyeka ukwenza okubi nabenqabayo ukuzithoba kuNkulunkulu? “Ababi bayonqunywa emhlabeni.”​—IzAga 2:22.

  • Uyobhubhisa uSathane namademoni. USathane namademoni akhe ngeke besakwazi ‘ukudukisa izizwe.’​—IsAmbulo 20:3, 10.

Kuyosho ukuthini konke lokhu kulabo abawamukelayo uMbuso kaNkulunkulu?

LOKHO UMBUSO KANKULUNKULU OYOKWENZELA ISINTU

Lapho esebusa njengeNkosi emazulwini, uJesu uyofeza okungaphezu kwanoma ikuphi okungafezwa yinoma imuphi umbusi ongumuntu. Uyobusa kanye nabangu-144 000 abakhethwe kubantu. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3) Uyoqikelela ukuba intando kaNkulunkulu iyenziwa lapha emhlabeni. Yini uMbuso kaNkulunkulu oyoyenzela abantu abazohlala emhlabeni?

  • Uyoqeda ukugula nokufa. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula,’” futhi “ukufa ngeke kusaba khona.”​—Isaya 33:24; IsAmbulo 21:4.

  • Uyoletha ukuthula nokulondeka kwangempela. “[Ukuthula] kwabantwana bakho kuyochichima” futhi “bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.”​—Isaya 54:13; Mika 4:4.

  • Uyonika abantu umsebenzi oqabulayo. “[Umsebenzi] wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele. Ngeke bakhandlekele ize.”​—Isaya 65:22, 23.

  • Uyoxazulula izinkinga zemvelo. “Ihlane nesifunda esingenamanzi kuyothaba, ithafa eliwugwadule liyojabula futhi liqhakaze njengesafroni.”​—Isaya 35:1.

  • Uyofundisa abantu lokho okudingeka bakwenze ukuze baphile phakade. “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”​—Johane 17:3.

UNkulunkulu ufuna uzijabulele lezi zibusiso. (Isaya 48:18) Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi yini ongayenza manje ukuze ube yingxenye yaleli kusasa elihle.