Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO

IBhayibheli Lasinda Ekuphikisweni

IBhayibheli Lasinda Ekuphikisweni

USONGO: Abaholi abaningi bezombusazwe nabenkolo babenemigomo ephambene nomyalezo weBhayibheli. Ngokuvamile, babesebenzisa igunya labo ukuze bavimbele abantu ukuba babe namaBhayibheli, bawakhiqize noma bawahumushe. Bheka izibonelo ezimbili:

  • Cishe ngo-167 B.C.E.: Inkosi yozalo lukaSeleucus, u-Antiochus Epiphanes, eyayizama ukuphoqa amaJuda ukuba amukele inkolo yamaGreki, yakhipha umyalo wokuba kushatshalaliswe wonke amakhophi emiBhalo YesiHebheru. Isazi-mlando uHeinrich Graetz sathi, izisebenzi zayo “zaziklebhula futhi zishise imiqulu yoMthetho noma nini lapho ziyithola, futhi zazibabulala labo ababetholakala befuna isikhuthazo nenduduzo ngokuyifunda.”

  • NgeNkathi Ephakathi: Abanye abaholi bamaKatolika, becasulwa ukuthi abantu abavamile babeshumayela ngalokho okufundiswa yiBhayibheli kunezimfundiso zobuKatolika, babebabiza ngamambuka bonke abantu ababenezinye izincwadi zeBhayibheli ngaphandle kwamaHubo ngesiLatini. Omunye umkhandlu wesonto wabathathela izinyathelo ngokuyala amadoda alelo sonto ukuba “aqhubeke ewafuna ngokuzimisela nangokwethembeka amambuka . . . ngokusesha kuyo yonke imizi namakamelo akhiwe ngaphansi komhlaba asolisayo. . . . Umuzi okutholakala kuwo imbuka kumelwe ucekelwe phansi.”

Ukube izitha zeBhayibheli zaphumelela ekulishabalaliseni, nomyalezo walo wawuyoshabalala.

Inguqulo yeBhayibheli kaWilliam Tyndale yesiNgisi yasinda naphezu kokuvinjelwa, ukushiswa kwamaBhayibheli nokubulawa kukaTyndale uqobo ngo-1536

INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO: INkosi u-Antiochus yayigxilise umkhankaso wayo kwa-Israyeli, kodwa amaJuda ayehlala nakwamanye amazwe amaningana. Eqinisweni, izazi zilinganisela ukuthi ngekhulu lokuqala C.E., amaJuda angamaphesenti angaphezu kuka-60 ayengahlali kwa-Israyeli. Emasinagogeni awo, amaJuda ayenamakhophi emiBhalo—yona kanye leyo eyasetshenziswa yizizukulwane ezalandela, kuhlanganise namaKristu.—IzEnzo 15:21.

Phakathi neNkathi Ephakathi, abathandi beBhayibheli baqunga isibindi yize beshushiswa, baqhubeka behumusha futhi bekopisha imiBhalo. Ngisho nangaphambi kokuba kusungulwe umshini wokunyathelisa osebenzisa izinhlamvu ezihlelwa ngesandla phakathi nekhulu le-15, izingxenye zeBhayibheli kungenzeka zase zitholakala ngezilimi ezingu-33. Kusukela lapho, iBhayibheli lahunyushwa futhi lanyatheliswa ngokushesha okukhulu.

UMPHUMELA: Naphezu kwezinsongo zamakhosi anamandla nabefundisi abanemibono eyiphutha, iBhayibheli liyincwadi esakazwa futhi ihunyushwe kunazo zonke emlandweni. Liye lathonya imithetho nezilimi zamanye amazwe, kanye nokuphila kwezigidi.