Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonisa Uthando

Bonisa Uthando

Inkinga

Imizwa yobandlululo ayisheshi ukuphela. Njengoba nje kuthatha isikhathi nomzamo ukubulala igciwane, kuthatha isikhathi nomzamo ukunqoba ubandlululo. Yini ongayenza ukuze unqobe imizwa yobandlululo?

Lokho Okushiwo YiBhayibheli

“Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—KOLOSE 3:14.

Kusho ukuthini lokhu? Ukubonisana umusa kwenza abantu basondelane. Lapho ubabonisa uthando kakhudlwana abanye, iyoncipha imizwa onayo yobandlululo. Lapho ubathanda kakhudlwana abanye, ngeke ube naso isikhala senzondo noma imizwa engemihle ngabanye enhliziyweni yakho.

Ongakwenza

Cangaba ngezindlela ezithile ongababonisa ngazo uthando abantu beqembu okungenzeka awulithandisisi kahle. Akufanele kuze kube izinto ezinkulu. Zama ukwenza okunye kwalokhu okulandelayo:

Ngesenzo ngasinye sothando, uyolunqoba kancane kancane ubandlululo

  • Babonise inhlonipho abantu balelo qembu ngokubabambela umnyango noma ngokubadedela esihlalweni lapho nihamba ngento evamile yomphakathi.

  • Zama ukusho amazwi ambalwa kubo, nakuba bengalukhulumi ulimi lwakho.

  • Babekezelele lapho benza izinto ngendlela ongayiqondi.

  • Zwelana nabo lapho bekutshela ngezinkinga zabo.