Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela—EBrazil

Bazinikela Ngokuzithandela—EBrazil

EMINYAKENI embalwa edlule, uRúbia, udade manje oseneminyaka engu-30, wavakashela uSandra, iphayona elalikhonza ebandleni elincane eningizimu yeBrazil. Phakathi nalokhu kuvakasha kwakhe, kwenzeka okuthile okwamhlaba umxhwele uRúbia kangangokuba kwashintsha impilo yakhe. Kwenzekani? Ake sizwe ngaye njengoba elandisa.

“ANGIKUKHOLWANGA ENGANGIKUZWA”

“USandra wahamba nami lapho eyofundela owesifazane othile ayefunda naye iBhayibheli. Phakathi nesifundo, lona wesifazane wezwakala esethi: ‘Sandra, emsebenzini kunamantombazane amathathu afuna isifundo seBhayibheli, kodwa ngiwatshele ukuthi kuzodingeka akulinde uze ube nesikhathi. Ngiyazi ukuthi umatasa kakhulu wonke lo nyaka.’ Angikukholwanga engangikuzwa. Abantu ababefuna ukwazi uJehova kwakufanele  balinde! Ebandleni lakithi kwakube nzima ukuthola isifundo seBhayibheli esisodwa nje. Ngaso leso sikhathi, sisemzini walo muntu, ngafikelwa isifiso esikhulu sokusiza abantu bakulelo dolobha lakubo elincane. Ngemva nje kwalokho, ngalishiya idolobha elikhulu ngathuthela edolobheni uSandra ayephayona kulo.”

Kwamhambela kanjani uRúbia? Uyachaza: “Kungakapheli izinyanga ezimbili ngithuthele kule ndawo, ngase ngifunda iBhayibheli nabantu abangu-15—ngeke ukholwe ukuthi kungakabiphi, nami njengoSandra, ngase nginohlu lwabantu abalinde ukuba kuvuleke ithuba ukuze ngibafundele!”

WASHUKUMISELEKA UKUBA AHLOLE KABUSHA INKONZO YAKHE

UDiego, umzalwane osanda kweva eminyakeni engu-20, wavakashela amaphayona akhonza ePrudentópolis, idolobha elincane eningizimu yeBrazil. Ukuvakashela kwakhe kule ndawo kwamthinta ngokujulile; eqinisweni, washukumiseleka ukuba ahlole kabusha inkonzo yakhe. Uyachaza: “Ngangikhona nje ebandleni lakithi, ngichitha amahora ambalwa ngenyanga enkonzweni. Kodwa ngesikhathi ngivakashele la maphayona futhi ngilalele okuhlangenwe nakho kwawo, ngazithola sengiqhathanisa indlela ayejabule ngayo nesimo sami sengqondo sokungayinaki inkonzo. Lapho ngibona indlela ayechichima ngayo injabulo, ngafisa ukuba nokwami ukuphila kube nenjongo njengokwawo.” Ngemva kokuwavakashela, uDiego waqala ukuphayona.

NjengoDiego, ingabe unguFakazi osemusha ohlanganyela emsebenzini wokushumayela, oyayo emihlanganweni yobuKristu kodwa ngesikhathi esifanayo onomuzwa wokuthi inkonzo isimane nje iwumjikelezo wokuphila, ongajabulisi? Uma kunjalo, ungalwenza yini ushintsho ekuphileni kwakho oluyokwenza ukwazi ukunambitha injabulo elethwa ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso? Kuyaqondakala ukuthi ukucabanga nje ngokushiya impilo enethezekile kungase kube yinto esabekayo. Noma kunjalo, intsha eningi iye yakhetha ukwenza lokho. Ibe nesibindi sokuhlela kabusha imigomo nezifiso zayo ukuze ikhonze uJehova ngokwengeziwe. UBruno, ungesinye isibonelo.

UNGOTI WOMCULO NOMA ISIKHONZI?

Eminyakeni embalwa edlule, uBruno, manje oneminyaka engu-28, wafunda esikoleni somculo esidumile,  futhi umgomo wakhe wawuwukuba umbhidisi weqembu lomculo wezinsimbi. Empeleni, wathuthuka kakhulu nezifundo zakhe kangangokuba wamenywa izikhathi eziningana ukuba ayobhidisa iqembu elikhulu lomculo wezinsimbi. Ikusasa lakhe laliqhakazile. UBruno uthi, “Noma kunjalo, nganginomuzwa wokuthi kunokuthile engikuntulayo ekuphileni kwami. Ngangizinikezele kuJehova, kodwa ngangazi ukuthi angimniki konke, futhi kwakungikhathaza lokho. Ngatshela uJehova emthandazweni ngemizwa yami, futhi ngakhuluma nabazalwane asebevuthiwe ebandleni. Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, nganquma ukubeka inkonzo phambili kunomculo, ngasiyeka isikole somculo, ngamukela inselele yokukhonza endaweni eyayinesidingo sangempela sabamemezeli boMbuso.” Waba yini umphumela wesinqumo sakhe?

UBruno wathuthela edolobheni okuthiwa iGuapiara (elinabantu abangaba ngu-7 000), eliqhele ngamakhilomitha angu-260 ukusuka edolobheni iSão Paulo. Kwakuwushintsho olukhulu. Uyalandisa: “Ngathuthela endlini encane engenaso isiqandisi, i-TV noma i-Internet. Noma kunjalo, le ndlu yayinezinto engangingenazo ngaphambili—isivande semifino nezihlahla zezithelo!” Ngesikhathi ekhonza ebandleni elincane lakule ndawo, kanye ngesonto uBruno wayefaka esikhwameni sakhe ukudla, amanzi, nezincwadi abese ehamba ngebhayisikili ayoshumayela emaphandleni. Abantu abaningi kuleyo ndawo babengakaze bazizwe izindaba ezinhle. Uthi, “Ngangiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-18. Ukubona laba bafundi benza ushintsho ekuphileni kwabo kwakungijabulisa kakhulu!” Uyanezela: “Ngabona lapho-ke ukuthi ngase ngiyitholile le nto engangiyintula ekuphileni kwami—umuzwa wokwaneliseka okukhulu olethwa ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala. Ngangingeke ngiyithole le njabulo ukube ngaphishekela imigomo yezinto ezibonakalayo.” Wayezisekela kanjani uBruno eGuapiara? Esho ngokumomotheka: “Ngokufundisa abantu ukudlala isigingci.” Wayesengungoti womculo.

“KWADINGEKA UKUBA NGIHLALE”

UMariana, manje osecela eminyakeni engu-30, wazithola esesimweni esifana nesikaBruno. Wayengummeli, kodwa naphezu komsebenzi wakhe ophezulu, wayengazizwa anelisekile ngempela. Uthi: “Ngangizwa sengathi ‘ngilwela ukufica umoya.’” (UmSh. 1:17) Abazalwane nodade abaningana bamkhuthaza ukuba acabangele  ukuphayona. Ngemva kokucabangisisa ngalokhu, uMariana, kanye nabangane bakhe uBianca, uCaroline, noJuliana, banquma ukusiza ibandla laseBarra do Bugres, idolobha eliseduze neBolivia, eliqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha ukusuka kubo. Kwabe sekwenzekani?

UMariana uthi: “Injongo yami yayiwukuhlala khona izinyanga ezintathu. Kodwa lapho ziphela, ngase ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-15! Laba bafundi babedinga usizo olwengeziwe ukuze bathuthuke eqinisweni. Ngakho, angibanga naso isibindi sokubatshela ukuthi sengiyahamba. Kwadingeka ukuba ngihlale.” Yilokho kanye abakwenza bobane. Ingabe umsebenzi omusha kaMariana wenza ukuphila kwakhe kwaba okunenjongo ngokwengeziwe? Uthi: “Ukwazi ukuthi uJehova uyangisebenzisa ukuba ngisize abantu bashintshe ukuphila kwabo kube ngcono kungenza ngijabule. Kuyisibusiso kimi ukwazi ukuthi manje ngisebenzisa isikhathi namandla ami ekwenzeni into ebaluleke ngempela.” UCaroline ufingqa indlela abazizwa ngayo bobane: “Lapho ngilala ebusuku, ngiba nomuzwa omkhulu wokwaneliseka ngenxa yokuthi ngisebenze ngokuzikhandla ngiphishekela izithakazelo zoMbuso. Ukuphila kwami kugxile ekusizeni abantu engibafundelayo. Akuve kukuhle ukubabona bethuthuka. Ngikubona ngokoqobo ukuba yiqiniso kwala mazwi: ‘Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle.’”—IHu. 34:8.

Yeka ukuthi uJehova ujabula kanjani ngokubona isibalo esandayo sabazalwane nodade abasebasha emhlabeni wonke ‘abazinikela ngokuzithandela’ ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ezindaweni ezikude! (IHu. 110:3; IzAga 27:11) Zonke lezi zisebenzi ezizinikele zithola isibusiso sikaJehova esicebile.—IzAga 10:22.