Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela—ETaiwan

Bazinikela Ngokuzithandela—ETaiwan

KUZE kwaba seminyakeni ecishe ibe mihlanu edlule, uChoong Keon noJulie, indoda nomkayo abevile eminyakeni engu-30, bengamaphayona avamile eSydney, e-Australia. UChoong Keon uyalandisa: “Sasinetoho futhi siphila kahle. Isimo sezulu sasisihle endaweni esasihlala kuyo futhi siphila ngokunethezeka. Kwakumnandi ukuba seduze kwemindeni yethu nabangane bethu.” Noma kunjalo, uChoong Keon noJulie babekhathazekile. Kungani? Babazi ukuthi izimo zabo zazibavumela ukuba benze okwengeziwe enkonzweni kaJehova, kodwa babemadolonzima ukwenza ushintsho oludingekayo.

Kwathi ngomhlangano omkhulu ka-2009, bezwa inkulumo eyabathinta ngokujulile. Isikhulumi saqondisa amazwi aso kulabo ababengase bakwazi ukwandisa inkonzo yabo. Sathi: “Cabangani ngalokhu: Umshayeli angajikisa imoto yakhe ukuba iye kwesobunxele noma kwesokudla kuphela uma ihamba. Ngokufanayo, uJesu nathi angasiqondisa kuphela uma sesisithathile isinyathelo sokwandisa inkonzo yethu—uma senza umzamo wokufinyelela umgomo wethu.” * Kulo mbhangqwana, kwaba sengathi isikhulumi sikhuluma nawo ngokuqondile. Kuwo lowo mhlangano, kwaxoxwa nendoda nomkayo ababeyizithunywa zevangeli eTaiwan. Bakhuluma ngenjabulo ababeyithola enkonzweni bagcizelela nokuthi kwakusenesidingo esikhulu. KuChoong Keon noJulie kwaphinde kwaba sengathi lawo mazwi abhekiswe kubo.

UJulie uthi: “Ngemva kwalowo mhlangano sathandaza kuJehova sicela isibindi sokuthatha isinyathelo sokuthuthela eTaiwan.” Uyenezela: “Kodwa sasesaba. Kwaba sengathi sifuna ukungenela umsebenzi ongaphezu kwamandla ethu.” Ukuze bathathe leso sinyathelo, basizwa umShumayeli 11:4 othi: “Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.” UChoong Keon uthi: “Sazimisela ukuba siyeke ‘ukubheka’ siqale ‘ukuhlwanyela nokuvuna.’ ” Bathandaza kaninginingi, bafunda izindaba zokuphila kwezithunywa zevangeli, bathumelelana imiyalezo ngama-e-mail  nalabo abase bethuthele eTaiwan kakade, badayisa izimoto nempahla yabo base bethuthela eTaiwan ezinyangeni ezintathu ezalandela.

UKUTHOLA INJABULO YOKUSHUMAYELA

Bangaphezu kwekhulu abafowethu nodadewethu abavela kwamanye amazwe abakhonza ezindaweni zaseTaiwan ezinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Bavela e-Australia, eBrithani, eCanada, eFrance, eJapane, eKorea, eSpain nase-United States, futhi baphakathi kweminyaka engu-21 kuya kwengu-73. Phakathi kwabo kunodade abangashadile abangaphezu kuka-50. Yini esize laba bafowethu nodadewethu abashisekayo ukuba baqhubeke nenkonzo yabo kwelinye izwe? Ake sizwe.

ULaura

ULaura, udade ongashadile waseCanada, uphayona entshonalanga yeTaiwan. Wayengawuthandi nhlobo umsebenzi wokushumayela, lokho kwashintsha eminyakeni engaba yishumi edlule. ULaura uyachaza: “Ngangishumayela kodwa ngingakuthandi.” Wabe esecelwa abangane bakhe baseCanada ukuba bayoshumayela eMexico inyanga eyodwa. “Ngangiqala ukuchitha isikhathi esiningi kangaka ensimini, futhi okwangimangaza ukuthi kwakumnandi kakhulu!”

Leso sikhathi esimnandi sakhuthaza uLaura ukuba athuthele ebandleni elisebenzisa ulimi lwakwelinye izwe khona eCanada. Wathatha izifundo zolimi lwesiShayina, wakhonza neqembu lesiShayina futhi wazibekela umgomo wokuthuthela eTaiwan, owafezeka ngo-September 2008. Uthi: “Kwangithatha cishe unyaka ukujwayela indawo entsha, kodwa manje angiziboni ngibuyela eCanada.” Uzizwa kanjani ngomsebenzi wokushumayela? Uthi: “Uyangithokozisa. Ayikho into eyanelisa njengokubona abantu abafundelwa iBhayibheli beshintsha ukuphila kwabo lapho befunda ngoJehova. Ukukhonza eTaiwan kunginike ithuba lokunambitha intokozo ejulile izikhathi eziningi.”

UKUBHEKANA NENSELELE YOLIMI

UBrian noMichelle

UBrian noMichelle, umbhangqwana wase-United States oseminyakeni yawo-35, bathuthela eTaiwan eminyakeni engu-8 edlule. Baqale bacabanga ukuthi  abafezi okutheni enkonzweni. Kodwa isithunywa sevangeli esimnkantsh’ubomvu sathi kubo: “Ngisho noma ungahambisela umuntu ipheshana kuphela, kufanele ukhumbule ukuthi kungenzeka ukuthi lowo muntu uyaqala ngqa ukuzwa ngoJehova. Ngakho ninengxenye ebalulekile enkonzweni!” Leso sikhuthazo sabasiza kakhulu oBrian noMichelle ukuba bangayeki. Omunye umzalwane wathi kubo: “Ukuze ningadikibali, intuthuko yenu yokufunda isiShayina ningayilinganisi ngalokho enikufunda usuku nosuku, kodwa yilinganiseni ngalokho enikufunde ngemva kwesikhathi eside.” Nebala bathuthuka futhi namuhla bangamaphayona aphumelelayo.

Yini engakushukumisela ekubeni ufunde olunye ulimi? Vakashela izwe ongathanda ukukhonza kulo. Iya emihlanganweni yebandla, zihlanganise nabazalwane nodade bendawo futhi uye nabo ensimini. UBrian uthi: “Ngemva kokubona ukuthi baningi abamukela isigijimi soMbuso futhi waluzwa nothando olufudumele lwabafowethu nodadewethu, uyoshukumiseleka ukuba wamukele inselele yokukhonza kwelinye izwe.”

KUTHIWANI NGOMSEBENZI WOKUZIPHILISA?

UKristin noMichelle

Abaningi balabo abathuthele endaweni enendingeko enkulu eTaiwan baye bakwazi ukuzisekela njengamaphayona ngokufundisa isiNgisi. UKristin noMichelle badayisa ukudla kwasolwandle. UKristin uyachaza: “Ngangingakaze ngikwenze lokho ngaphambili, kodwa lolu hlobo lomsebenzi lungisizile ngakwazi ukuhlala kuleli zwe.” Ngokuhamba kwesikhathi uKristin wazitholela abantu abakuthenga njalo ukudla kwakhe. Leli toho liyamsiza akwazi ukusekela yena nomkakhe ngokwezimali futhi libanika isikhathi esanele somsebenzi osemqoka—inkonzo yokuphayona, ukudoba abantu.

“JABULELA INKONZO”

UWilliam noJennifer, umbhangqwana wase-United States, bafika eTaiwan eminyakeni engaba ngu-7 edlule. UWilliam uthi: “Ukufunda ulimi, ukuphayona, ukunakekela ibandla nezidingo zokuphila bekungikhathaza ngezinye izikhathi.” Yini ebasizile baphumelela futhi bahlala bejabule? Bazama ukuzibekela imigomo efinyelelekayo. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi abazibekelanga umgomo ophezulu kakhulu lapho befunda isiShayina, abadikibalanga kakhulu lapho bengathuthuki ngokushesha.

UWilliam noJennifer

UWilliam ukhumbula ake akutshelwa umbonisi ojikelezayo: “Jabulela inkonzo, ungagxili ezintweni ongakazifinyeleli.” Ngamanye amazwi, ngemva kokuzibekela umgomo ongokomoya kumelwe sijabulele izinyathelo eziholela ekuwufinyeleleni. UWilliam uthi ukusebenzisa leso seluleko kwabasiza bavumelana nezimo, balalela izeluleko ezivela kubazalwane bendawo abanemithwalo yemfanelo futhi bashintsha indlela abenza ngayo izinto ukuze baphumelele enkonzweni yabo ezweni abase behlala kulo. Uyanezela: “Kwasisiza sakhumbula nokuzinika isikhathi sokujabulela ubuhle besiqhingi esikhonza kuso.”

NjengoWilliam noJennifer, uMegan, udade wase-United States ongashadile futhi oyiphayona, ‘ujabulela inkonzo’ njengoba ezama ukufinyelela umgomo wakhe wokusikhuluma kahle isiShayina. Njalo ngezimpelasonto usebenza nabamemezeli abashumayela ensimini ethakazelisayo—echwebeni laseKaohsiung, itheku elikhulu kunawo wonke eTaiwan. UMegan uye wakwazi ukushumayela izindaba ezinhle emikhunjini ehlukahlukene nakubadobi baseBangladesh, e-Indonesia, eNdiya, ePhilippines, eThailand naseVanuatu. “Njengoba abadobi bechitha isikhathi esincane echwebeni, siqala isifundo seBhayibheli ngaso leso sikhathi. Ukuze ngibafinyelele bonke, ngiye ngifunde nabane noma abahlanu ngesikhathi.” Kuhamba kanjani ukufunda  isiShayina? Uthi, “Ngifisa sengathi bengingathuthuka ngokushesha, kodwa ngiye ngikhumbule okuthile umzalwane akusho kimi: ‘Yenza okusemandleni akho, uJehova uyokusiza ufeze inkonzo yakho.’ ”

UMegan

KUPHEPHILE, KULULA FUTHI KUYAJABULISA

Ngaphambi kokuba uCathy waseBrithani athuthele kwelinye izwe, wacwaninga ngokuthi isiphi isabelo sakwelinye izwe esingaba esiphephile kudade ongashadile. Watshela uJehova ngomthandazo ngokwakumkhathaza futhi wabhalela amahhovisi amagatsha amaningana, efuna ukwazi ngezinto ezingaba yingozi kodade abangashadile. Ngemva kwalokho, wacabangisisa ngezimpendulo zezincwadi zakhe, wayesephetha ngokuthi iTaiwan iyona engaba engcono kuye.

Ngo-2004, eneminyaka engu-31, uCathy wathuthela eTaiwan, lapho ephila khona ukuphila okulula ngangokunokwenzeka. Uthi: “Ngacela abazalwane nodade ukuba bangilayele izindawo ezishibhile ezidayisa izithelo nemifino. Abangitshela khona kwangisiza ngonga imali.” Usizwa yini ukuba aphile ukuphila okulula? Uthi: “Ngithandaza njalo kuJehova ukuba angisize nganeliswe ukudla okuvamile nezembatho ezingabizi enginazo. Ngiyabona ukuthi uJehova uyayiphendula imithandazo yami ngokungifundisa ukuthi ziyini izidingo zami nangokungisiza ngingagxili ezintweni engingazidingi.” Uyanezela: “Ngiyakujabulela ukuphila kwami okulula ngoba kungisiza ngigxile ezintweni ezingokomoya.”

UCathy

Nokho, ukuphila kukaCathy akulula nje kuphela kodwa futhi kuyajabulisa. Uyachaza ukuthi kungani: “Ngishumayela endaweni enabantu abaningi abamukela izindaba ezinhle. Kujabulisa ngempela lokho!” Ngesikhathi efika eTaiwan, kwakunamabandla amabili esiShayina edolobheni aqala ukuphayona kulo, kodwa namuhla kunamabandla angu-7. UCathy uthi: “Ukuzibonela ngawami lokhu kwanda nokuhlanganyela ekungeniseni isivuno kwenza ukuphila kwami kwansuku zonke kube mnandi ngempela!”

“NAMI BABENGIDINGA!”

Baqhuba kanjani manje oChoong Keon noJulie okukhulunywe ngabo esethulweni? Ekuqaleni uChoong Keon wayenomuzwa wokuthi akalusizo lwalutho ebandleni ngenxa yokungalwazi kahle ulimi lwesiShayina. Kodwa abazalwane bendawo babengaboni kanjalo. UChoong Keon uthi: “Ngesikhathi ibandla lethu lihlukaniswa, nganikezwa imisebenzi eyengeziwe njengenceku ekhonzayo.” Ube esemoyizela, athi: “Ngaleso sikhathi, ngezwa ukuthi ngempela ngikhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Kwakujabulisa kakhulu ukuthi nami babengidinga!” Manje usekhonza njengomdala. UJulie uyanezela: “Sizizwa sinokuthile esikufezile, sanelisekile futhi sinenjabulo esingakaze sibe nayo. Seza lapha sithi sizosiza, kodwa sibona sengathi yithina esiye sasizwa yilokhu okuhlangenwe nakho okujabulisayo. Siyambonga uJehova ngokusivumela ukuba sikhonze kule ndawo!”

Emazweni amaningi kusenesidingo sezisebenzi ezengeziwe ekuvuneni okungokomoya. Ingabe usuyaqeda esikoleni futhi uyazibuza ukuthi uzokwenzani ngokuphila kwakho? Ingabe awushadile futhi unesifiso sokusetshenziswa ngokwengeziwe enhlanganweni kaJehova? Ungathanda yini ukunikeza umndeni wakho ifa elicebile elingokomoya? Ingabe usuthathe umhlalaphansi futhi unolwazi osuluqongelele iminyaka eminingi ongalwabela abanye? Ungaqiniseka ukuthi ulindelwe izibusiso ezicebile uma unquma ukwandisa inkonzo yakho ngokukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabamemezeli boMbuso.