Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela—ENew York

Bazinikela Ngokuzithandela—ENew York

EMINYAKENI embalwa edlule, uCesar nomkakhe, uRocio, babeziphilela kamnandi eCalifornia, lapho uCesar ayesebenza khona ngezimiso zokushisisa nokungenisa umoya ezakhiweni futhi uRocio esebenza izinsuku ezithile ehhovisi likadokotela. Babenomuzi othi bona futhi bengenabantwana. Nokho, kwenzeka okuthile okwashintsha ukuphila kwabo. Kwenzekani?

Ngo-October 2009, ihhovisi legatsha lase-United States lathumelela wonke amabandla akulelo zwe incwadi emema izisebenzi zokuzithandela ezinamakhono ukuba zifake izicelo zokuyokhonza isikhashana eBethel, zisize ekunwetshweni kwezakhiwo zegatsha eWallkill, eNew York. Ngisho nalabo abase bedlulile eminyakeni yobudala evamile yokungenela inkonzo yaseBethel bamenywa ukuba bafake izicelo. UCesar noRocio bayalandisa: “Ngenxa yeminyaka yethu, saqaphela ukuthi leli kwakungase kube ithuba lokukhonza eBethel esasingasophinde silithole. Sasingeke neze silidedele lelo thuba!” Bazifaka masinyane izicelo zabo.

Ezinye zezisebenzi zokuzithandela ezisebenza eWarwick

Kwaphela isikhathi esingaphezu konyaka bengabizwanga ukuba bazokhonza eBethel. Noma kunjalo, bathatha izinyathelo ezengeziwe ukuze bafinyelele umgomo wabo ngokwenza lula ukuphila kwabo. UCesar uthi: “Sashintsha igalaji lethu laba ifulethi elinekamelo elilodwa ukuze siqashise ngomuzi wethu. Sabe sesiphuma emzini wamaphupho ethu omkhulu esasiwakhe eminyakeni embalwa nje edlule, sathuthela kulelo fulethi lethu elincane. Ukwenza lezi zinguquko kwasenza sakulungela ukwamukela isimemo sokuyokhonza eBethel uma kwenzeka sibizwa.” Kwabe sekwenzekani? URocio uyalandisa: “Ngemva kwenyanga sithuthele efulethini lethu elincane, sathola isimemo sokuyokhonza njengezisebenzi zesikhashana eWallkill. Kwaba sobala kithi ukuthi ngokwenza ukuphila kwethu kube lula sasinike uJehova okuthile ayengakubusisa.”

UJason, uCesar noWilliam

UMOYA WABO WOKUZIDELA UYABUSISWA

NjengoCesar noRocio, kunamakhulu abafowethu nodadewethu abaye benza ukuzidela ukuze bahlanganyele emsebenzini wokwakha owenziwa eNew York State. Abanye babo basiza ekunwetshweni kwezakhiwo zaseWallkill, kanti abanye abaningi bathole ilungelo lokusiza ekwakhiweni kwendlunkulu yomhlaba wonke eWarwick. * Imibhangqwana eminingi iye yadela imizi yayo emihle, imisebenzi eholela kahle ngisho nezilwane eyayizifuyile ukuze yandise inkonzo yayo kuJehova. Ingabe uJehova uye wawubusisa lowo moya wokuzidela? Impela!

UWay

Ngokwesibonelo, uWay, osebenza ngogesi, noDebra, bobabili asebecela eminyakeni engu-60 ubudala, bathengisa umuzi nempahla yabo eningi eKansas bathuthela eWallkill beyokhonza njengezisebenzi zaseBethel ezihlala emakhaya. * Nakuba kwadingeka benze izinguquko ezithile ekuphileni kwabo, banomuzwa wokuthi lokho kuzidela kwakufaneleka. Ngokuphathelene nesabelo sakhe eBethel, uDebra uthi: “Ngezinye izikhathi ngizizwa sengathi ngisesakhiweni sasePharadesi esinjengalezo esiye sizibone ezincwadini zethu!”

UMelvin noSharon bathengisa umuzi nempahla yabo eSouth Carolina ukuze basize eWarwick. Nakuba kwakungelula ukwenza lokho kuzidela, lo mbhangqwana unomuzwa wokuthi kuyilungelo elikhulu ukuhileleka emsebenzini onjalo oyingqopha-mlando. Uthi: “Akuve kujabulisa ukwazi ukuthi sifeza okuthile okuyozuzisa inhlangano yethu yomhlaba wonke.”

UKenneth

UKenneth, umakhi osethathe umhlalaphansi, noMaureen, abaneminyaka ephakathi kwengu-50 nengu-60 ubudala, bahamba eCalifornia bayokhonza eWarwick. Bahlela nodade othile ebandleni ukuba anakekele umuzi wabo futhi bacela umndeni ukuba unakekele uyise kaKen osekhulile. Ingabe bayazisola ngokuzidela abakwenzile ukuze bayokhonza eBethel? Lutho neze! UKen uthi: “Sizuza kakhulu. Kona zikhona izinselele. Kodwa ukuphila kwethu akuve kuzuzisa futhi siyitusa ngenhliziyo yethu yonke le nkonzo kwabanye.”

UKUNQOBA IZINSELELE

Iningi lalabo abaye bazenza batholakala kuye kwadingeka linqobe izithiyo ezithile. Ngokwesibonelo, uWilliam noSandra, abasanda kweva eminyakeni engu-60 ubudala, babezinzile, beziphilela kamnandi ePennsylvania. Babenenkampani echumayo eyakha izinsimbi zemishini eyayinezisebenzi ezingu-17. Bebelokhu bekhonza ebandleni abakhulela kulo, futhi iningi lezihlobo zabo lihlala kuleyo ndawo. Ngakho lapho kuvela ithuba lokuyokhonza eWallkill bebe bengahlali khona, bazi ukuthi kwakusho ukuhlukana cishe nabo bonke abantu ababebajwayele nezinto ababezazi. UWilliam uthi: “Ngokungangabazeki, inselele enkulu kunazo zonke kithi kube ukushiya indlela yokuphila ebesiyijwayele.” Nokho, ngemva kokuthandaza kaningi, lo mbhangqwana wanquma ukuqhubeka nokuthutha—isinyathelo ongazisoli ngaso. Uyanezela: “Injabulo yokuhlanganyela ngokuqondile nomkhaya waseBethel nokukhonza nawo ayinakuqhathaniswa nalutho. Asikaze sijabule ngale ndlela sinoSandra!”

Eminye yemibhangqwana esebenza eWallkill

URicky, owayeyimenenja ezakhiweni eHawaii, wamenywa ukuba akhonze njengesisebenzi saseBethel esingahlali khona ukuze asize eWarwick. Umkakhe, uKendra, wavuma ukuba asamukele leso simemo. Nokho, kunento eyayibakhathaza kufanele: inhlalakahle yendodana yabo eneminyaka engu-11, uJacob. Bazibuza ukuthi kuyoba ukuhlakanipha yini ukuthuthela eNew York State nokuthi indodana yabo iyokwazi yini ukujwayela indawo ehluke ngokuphelele.

URicky uthi: “Enye yezinto ezazimqoka kithi kwaba ukuthola ibandla elinezingane ezithuthuka kahle ngokomoya. Sasifuna ukuba uJacob abe nabangane abaningi abahle.” Ibandla abagcina bekulo linezingane ezimbalwa kakhulu kodwa linezikhonzi zaseBethel eziningi. Uyanezela: “Ngemva komhlangano wethu wokuqala kulelo bandla, ngabuza uJacob ukuthi uzizwa kanjani ngebandla elisha, ikakhulu njengoba zingekho izingane ezingontanga yakhe. Wathi: ‘Ungakhathazeki, baba. Abangane bami kuzoba abazalwane baseBethel abasebasha.’”

UJacob nabazali bakhe bejabulela ubudlelwane nezikhonzi zaseBethel ebandleni labo

Nembala, lezo zikhonzi zaseBethel zaba abangane bakhe. Kwaba namuphi umphumela? URicky uyalandisa: “Ngobunye ubusuku ngidlula ngasekamelweni lendodana yami ngabona ukuthi kusakhanya. Ngangilindele ukuyithola idlala imidlalo yama-computer, kodwa yayifunda iBhayibheli! Lapho ngimbuza ukuthi wayenzani, uJacob wathi, ‘Ngizama ukuba isikhonzi saseBethel esisesincane futhi ngifuna ukufunda iBhayibheli ngiliqede ngonyaka.’” Akungatshazwa ukuthi uRicky noKendra bayajabula, hhayi nje ngenxa yokuthi uRicky uyakwazi ukuhlanganyela emsebenzini wokwakha eWarwick, kodwa nangenxa yokuthi ukuthutha kwabo kusiza indodana yabo ukuba ikhule ngokomoya.—IzAga 22:6.

ABAKHATHAZEKILE NGEKUSASA

ULuis noDale

Ngokuhamba kwesikhathi, umsebenzi wokwakha eWallkill naseWarwick uzophela, ngakho labo abamenywe ukuba bayosiza khona bayaqaphela ukuthi inkonzo yabo eBethel ingeyesikhashana. Ingabe laba bazalwane nodade bakhathazeke kakhulu ngokuthi bazoyaphi noma bazokwenzani kamuva? Lutho neze! Abaningi bazizwa ngendlela imibhangqwana emibili yaseFlorida eneminyaka eyeve kwengu-50 ubudala ezizwa ngayo. UJohn, imenenja ezakhiweni, nomkakhe uCarmen, abayizikhonzi zokuzithandela zesikhashana eWarwick, bathi: “Simbonile uJehova enakekela izidingo zethu ezithile kuze kube manje. Asicabangi ukuthi angasiletha lapha abese esilaxaza kamuva.” (IHu. 119:116) ULuis, owenza izimiso zokucima umlilo, nomkakhe uQuenia, bakhonza eWallkill. Bathi: “Sisibonile isandla sikaJehova esiphanayo sisinika esikudingayo ngokwenyama. Siyaqiniseka ukuthi uzoqhubeka esinakekela nakuba singazi ukuthi uzokwenza kanjani, nini, noma kuphi.”—IHu. 34:10; 37:25.

“ISIBUSISO KUZE KUNGABIKHO UKUSWELA”

UJohn noMelvin

Iningi lalabo abaye basiza emsebenzini wokwakha eNew York belingathola izizathu zokungazenzi litholakale. Nokho, liye lavivinya uJehova—njengoba nje esicela sonke ukuba senze: “Ngiyanicela ukuba ningivivinye . . . ukuthi ngeke yini nginivulele amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni ngithululele phezu kwenu isibusiso kuze kungabikho ukuswela.”—Mal. 3:10.

Ingabe nawe uzomvivinya uJehova bese uzibonela isibusiso sakhe esicebile? Ngosizo lomthandazo, hlola lokho ongakwenza ukuze ube nesandla emsebenzini ojabulisayo owenziwayo, kungaba seNew York noma kweminye imisebenzi yokwakha engokwasezulwini, bese uzibonela indlela uJehova azokuvuza ngayo.—Marku 10:29, 30.

UGary

UDale, unjiniyela wezakhiwo, noCathy, base-Alabama, bayitusa kakhulu le nkonzo. Lezi zisebenzi zokuzithandela zaseWallkill zithi: “Uma uba nesibindi sokushiya indlela yokuphila oyijwayele, uyobona indlela umoya kaJehova osebenza ngayo.” Yini edingekayo ukuze uzenze utholakale? UDale uthi: “Qhubeka wenza ukuphila kwakho kube lula ngangokunokwenzeka. Ngeke uzisole!” UGary, waseNorth Carolina, useneminyaka engu-30 eyimenenja yezokwakha. Yena nomkakhe, uMaureen, bathi esinye sezibusiso abazijabulelayo eWarwick “ukuhlangana nokusebenza nabazalwane nodade abaningi abahle kakhulu asebekhonze uJehova ingxenye enkulu yokuphila kwabo eBethel.” UGary uyanezela: “Ukuze ukhonze eBethel, kudingeka uphile ukuphila okulula, okuyindlela yokuphila engcono kakhulu kulesi simiso sezinto.” UJason, owayesebenzela inkontileka kagesi, noJennifer, base-Illinois, bathi ukusebenza esakhiweni saseBethel eWallkill “kungenye yezinto ezisondele kakhulu ekunambitheni ukuphila kwasezweni elisha.” UJennifer uyanezela: “Akuve kujabulisa ukuba nomuzwa wokuthi yonke into oyenzayo uJehova uyayazisa futhi iwukuzibekelela ikusasa azosinika lona. UJehova uyaqikelela ukuthi uthola izibusiso ezicebe kakhulu.”

^ isig. 7 Izisebenzi zaseBethel eziza ngezinsuku ezithile zizikhokhela ngokwazo izindleko zendawo yokuhlala futhi zisebenza usuku olulodwa noma ezengeziwe ngesonto eBethel.