Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikhona Yini Inkolo Efanelekela Ukwethenjwa?

Ikhona Yini Inkolo Efanelekela Ukwethenjwa?

Uma uke wadunyazwa inkolo ethile, ungase ukuthole kunzima ukwethemba enye inkolo. Kodwa qiniseka ukuthi ikhona inkolo ongayethemba. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wakha iqembu labalandeli abathembekile futhi wabafundisa ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu. Abalandeli bakaKristu beqiniso—abantu abalwela ukuphila ngendlela ethandwa uNkulunkulu—basekhona. Ungabathola kuphi?

U-Estelle, okukhulunywe ngaye esihlokweni esisekuqaleni, uthi: “Ngaqala ukufunda lokho okushiwo iBhayibheli ngempela mhla ngiqala ukufunda noFakazi BakaJehova. Ngasheshe ngakuqonda lokho okushiwo uJohane 8:32, othi: ‘Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.’”

URay, naye okukhulunywe ngaye esihlokweni esisekuqaleni, uthi: “Ngokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngithole ukuthi akuyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwabantu. Ngajabula ukubona ukuthi nakuba uNkulunkulu enezizathu ezizwakalayo zokuvumela ububi manje, ubuye athembise nokuthi maduze uzobuqeda.”

Ngokusobala, kunzima ukuziphatha ngendlela ehlanzekile kuleli zwe eliziphatha kabi. Kodwa kungenzeka. Abantu abaningi banesifiso sokuthola usizo lokuqonda nokwenza lokho okushiwo iBhayibheli. Yingakho oFakazi BakaJehova befundela izigidi zabantu iBhayibheli mahhala emakhaya kuwo wonke umhlaba. Masonto onke, abantu abaningi bafunda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Ngenxa yalokho basondela kuMdali wabo futhi benza ukuphila kwabo kujabulise. *

Cela oFakazi BakaJehova bakutshele ukuthi kungani beyethemba inkolo yabo

Uma esikhathini esizayo uhlangana noFakazi BakaJehova, bacele bakutshele ukuthi kungani beyethemba inkolo yabo? Hlola izimfundiso zabo nomlando wabo. Ngemva kwalokho zinqumele ukuthi ikhona yini inkolo ongayethemba.

^ isig. 5 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.