Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Yonke Imibuzo Yami Bayiphendula NgeBhayibheli!

Yonke Imibuzo Yami Bayiphendula NgeBhayibheli!
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1950

  • IZWE AZALELWA KULO: ESPAIN

  • UMLANDO: INDELAKAZI ENGUMKATOLIKA

UKUPHILA KWAMI:

Lapho ngizalwa, abazali bami babenepulazi elincane emaphandleni aseGalicia, enyakatho-ntshonalanga yeSpain. Ngangingowesine ezinganeni ezingu-8. Sakhulela emkhayeni othokomele. Ngaleso sikhathi eSpain, kwakuvamile ukuba okungenani ingane eyodwa emndenini iye esikoleni sobufundisi noma lapho kuhlala khona izindelakazi. Emndenini wakithi saba bathathu esaya khona.

Lapho ngiba neminyaka engu-13, ngajoyina udadewethu, nami ngaya lapho kuhlala khona izindelakazi eMadrid. Kwakungemnandi ukuhlala khona. Sasingekho isikhathi sabangane—ukuphela kwento eyayikhona imithetho, imithandazo futhi zazingekho izinto esasingazijabulisa ngazo. Ekuseni ngovivi, sasihlangana esontweni ukuze sizindle, nakuba ngokuvamile ngangizicabangela izinto zami. Kamuva, sasicula amaculo esonto sigubhe neMisa, konke sikwenza ngesiLatini. Ngangingaqondi lutho futhi nginomuzwa wokuthi uNkulunkulu ukude kakhulu nami. Kwaphela iminyaka ngingaxoxi namuntu. Ngisho nalapho ngihlangana nodadewethu, sasimane nje sithi, “Akadunyiswe uMariya ongcwele.” Izindelakazi zazisivumela ukuba sixoxe isigamu sehora kuphela ngemva kokudla. Lokhu kuphila kwakuhluke kakhulu kokwasekhaya okumnandi! Ngangizizwa ngilahliwe futhi ngivame ukukhala.

Nakuba ngangingakaze ngizizwe ngisondelene noNkulunkulu, ngenza izifungo ngaba indelakazi lapho ngineminyaka engu-17. Empeleni, ngangimane ngenza okwakulindeleke kimi, futhi ngokushesha ngaqala ukuzibuza ukuthi ingabe ngempela uNkulunkulu ungikhethile ukuba ngenze lokhu. Izindelakazi zazivame ukuthi labo abangabazayo bayophelela esihogweni somlilo! Noma kunjalo, ngangilokhu nginokungabaza. Ngangazi ukuthi uJesu Kristu wayengeyena unkom’ idla yodwa; kodwa wayematasa efundisa futhi esiza abantu. (Mathewu 4:23-25) Lapho sengineminyaka engu-20, ngangingasafuni ukuba indelakazi. Ngamangala lapho indelakazi eyayisiphethe ingitshela ukuthi uma ngingasafuni ukuba indelakazi, kungangcono ngisheshe ngihambe. Ngiyasola ukuthi yayinovalo  lokuthi ngingase ngithonye nabanye. Ngakho ngahamba.

Lapho ngiphindela ekhaya, abazali bami basiqonda isimo. Kodwa ngenxa yokuthi imisebenzi yayingekho, ngathuthela eJalimane, lapho kwakuhlala khona omunye wabafowethu. Wayeyilungu leqembu lamaKhomanisi avela eSpain. Ngazizwa ngisekhaya phakathi kwalabo bantu ababelwela amalungelo abantu nawabesifazane. Ngakho nami ngaba iKhomanisi futhi ngagcina ngishade nelungu lalelo qembu. Ngangicabanga ukuthi ngenza into ewusizo, nginikeza abantu izincwadi zobuKhomanisi futhi ngihlanganyela nasemibhikishweni.

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ngaphinde ngadikibala. Nganginomuzwa wokuthi amaKhomanisi awakwenzi lokho akushoyo. Lowo muzwa waba namandla ngo-1971 lapho enye intsha esasinayo eqenjini ishisa iSakhiwo Samanxusa AseSpain eFrankfurt. Yayibhikisha ngokumelene nombuso waseSpain wobushiqela. Kodwa ngangikholelwa ukuthi lena kwakungeyona indlela efanele yokuveza izikhalazo zayo.

Lapho ingane yami yokuqala izalwa, ngatshela umyeni wami ukuthi ngeke ngisaya emihlanganweni yamaKhomanisi. Nganginesizungu kakhulu ngoba akekho kubangane bami owasivakashela mina nengane yami. Ngangizibuza ukuthi siphilelani ngempela. Sikhona ngempela yini isidingo sokuthuthukisa izimo zomphakathi?

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-1976, ngavakashelwa oFakazi ababili baseSpain banginikeza izincwadi zeBhayibheli. Lapho bebuya, ngabahloma imibuzo mayelana nokuhlupheka, ubandlululo nokungabi nabulungisa. Ngamangala lapho bephendula yonke imibuzo yami ngeBhayibheli! Ngavuma ukufundelwa iBhayibheli.

Ekuqaleni, ngangimane ngifundela ukwazi nje. Kodwa izinto zashintsha lapho mina nomyeni wami siqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso. Ngaleso sikhathi, sasinabantwana ababili. OFakazi babesilanda futhi besisiza ngokubheka abantwana phakathi nemihlangano. Ngazizwa ngibathanda.

Noma kunjalo, kwakusenemibuzo eyayilokhu ingihlupha ngenkolo. Nganquma ukuvakashela umndeni wakithi eSpain. Umalume, owayengumfundisi, wazama ukungiyekisa ukutadisha iBhayibheli. Kodwa oFakazi bendawo bangisiza kakhulu. Baphendula imibuzo enganginayo ngeBhayibheli, njengoba nje kwakwenze oFakazi baseJalimane. Nganquma ukuqhubeka nokufunda iBhayibheli lapho ngiphindela eJalimane. Nakuba umyeni wami akhetha ukuyeka ukufunda iBhayibheli, mina ngaqhubeka nokufunda. Ngo-1978, ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli lunginike injongo nesiqondiso esicacile ekuphileni. Ngokwesibonelo, eyoku-1 Petru 3:1-4 ikhuthaza amakhosikazi ukuba ‘azithobe’ kubayeni bawo ‘ngenhlonipho ejulile’ futhi abe ‘nomoya omnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.’ ImiBhalo enjalo yangisiza ukuba ngibe inkosikazi nomama omuhle.

Sengineminyaka engu-35 nginguFakazi. Kuyangijabulisa ukukhonza uNkulunkulu kanye nabantu abakhonza uNkulunkulu, futhi kuyangijabulisa ukuthi izingane zami ezine kwezinhlanu nazo zikhonza uNkulunkulu.