Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBONO KANKULUNKULU NGOKUBHEMA

Inkinga Yomhlaba Wonke

Inkinga Yomhlaba Wonke

Ukubhema sekubaqedile abantu.

  • Ekhulwini leminyaka elidlule ugwayi ubulale abantu abangu-100 000 000.

  • Unyaka ngamunye ubulala abantu abangaba ngu-6 000 000.

  • Ngokwesilinganiso, ubulala umuntu oyedwa njalo ngemva kwemizuzwana eyisithupha.

Kubonakala sengathi kusazoqhubeka kunjalo.

Iziphathimandla zilinganisela ukuthi uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, ngo-2030, inani labantu ababulawa ukubhema unyaka ngamunye, liyokwenyuka libe ngaphezu kuka-8 000 000. Zibikezela nokuthi ekupheleni kwekhulu lama-21 leminyaka ukubhema kuyobe sekubulale abantu abangu-1 000 000 000.

Ukubhema akulimazi abantu ababhemayo nje kuphela. Kulimaza namalungu omndeni asala ehlukumezekile ngokomzwelo futhi entula ngokwezimali kanye nabantu abangu-600 000 abangabhemi abafa unyaka ngamunye ngenxa yokuhogela intuthu kagwayi. Lo mthwalo ugcina ususemahlombe awo wonke umuntu ngenxa yezindleko zezempilo ezenyuka njalo.

Ngokungafani nezinye izifo eziwubhadane ezenza odokotela behle benyuka befuna ikhambi, le nkinga kagwayi inganqotshwa kalula, futhi wonke umuntu uyalazi ikhambi. UDkt. Margaret Chan, umqondisi-jikelele we-World Health Organization, wathi: “Umqedazwe kagwayi ubangelwa abantu ngokuphelele, futhi lokhu kungashintsha uma ohulumeni nomphakathi bengasebenza ngokubambisana.”

Izizwe zomhlaba ziye zasabela ngobuningi ekuhlaseleni le nkinga esongela ukuphila. Kusukela ngo-August 2012, amazwe angaba ngu-175 avuma ukwenza okuthile ukuze kuncishiswe ukusetshenziswa kukagwayi. * Nokho, kunabantu ababhebhezela lolu bhadane. Unyaka ngamunye, izimboni zikagwayi zichitha izigidi zezigidi zamarandi zikhangisa ngenjongo yokuthola amakhasimende amasha, ikakhulukazi abesifazane nentsha emazweni asathuthuka. Ngenxa yokuthi ugwayi uyalutha, ngokuqinisekile inani labantu ababulawa yiwo liyohlale liphakeme njengoba abantu abayizigidi eziyinkulungwane sebeyimilutha kakade. Ngaphandle kokuba ababhemayo bayeke ukubhema, inani labafayo lizokwenyuka kakhulu eminyakeni engamashumi amane ezayo.

Izikhangiso nokuba yimilutha kugcina abaningi bebhajwe kulo mkhuba abafisa ukuwuyeka. UNaoko wabhekana nesimo esifanayo. Waqala ukubhema esemusha. Ukwenza lo mkhuba owawuvezwa kuyithelevishini kwamenza wazizwa ephucuzekile. Naphezu kokubona bobabili abazali bakhe bebulawa umdlavuza wamaphaphu, waqhubeka nokubhema, ngisho nangesikhathi ekhulisa amadodakazi akhe amabili. Uyavuma: “Ngangikhathazekile ngokuthi ngizoba nomdlavuza wamaphaphu nangempilo yezingane zami, kodwa noma kunjalo angikwazanga ukuyeka. Ngangicabanga ukuthi angisoze ngakwazi ukuyeka ukubhema.”

Nokho, uNaoko wagcina eyekile. Wathola isikhuthazo sokuba ayeke ugwayi encwadini esisize izigidi zabantu ukuba ziyeke ukubhema. Iyiphi leyo ncwadi? Sicela uqhubeke ufunda.

^ isig. 11 Leyo mizamo ihlanganisa ukufundisa abantu ngezingozi zokubhema, ukunciphisa izinga lokukhangisa kwezimboni zikagwayi, ukukhuphula intela kagwayi nokumisa izinhlelo zokusiza abantu ukuba bayeke ukubhema.