Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ungaba kanjani umzali omuhle?

Ingabe Uyayifundisa Ingane Yakho Ukuba Ithande UNkulunkulu?

Ikhaya elinabazali abathandanayo nabahloniphanayo, liyindawo ekahle kakhulu yokukhulisa izingane. (Kolose 3:14, 19) Abazali abahle bayazithanda izingane zabo futhi bayazincoma njengoba nje noJehova uNkulunkulu ancoma iNdodana yakhe.—Funda uMathewu 3:17.

UBaba wethu osezulwini uyazilalela izinceku zakhe futhi uyayibona indlela ezizizwa ngayo. Abazali benza kahle ngokufunda kuye, balalele izingane zabo lapho zikhuluma. (Jakobe 1:19) Kufanele baqonde indlela izingane zabo ezizizwa ngayo, ngisho noma zisho izinto ezingemnandi.—Funda uNumeri 11:11, 15.

Ungazikhulisa kanjani izingane ezenza okufanele?

Njengomzali, unelungelo lokubeka imithetho ekhaya. (Efesu 6:1) Funda esibonelweni sikaNkulunkulu. Ubonisa ukuthi uyazithanda izingane zakhe ngokubeka imithetho ecacile nokuchaza imiphumela yokungayilaleli. (Genesise 3:3) Kunokuba aphoqelele abantu ukuba balalele, ubafundisa indlela abangazuza ngayo ngokwenza okulungile.—Funda u-Isaya 48:18, 19.

Kwenze kube umgomo wakho ukusiza izingane zakho ukuba zithande uNkulunkulu. Ziyokwenza ngokuhlakanipha ngisho nalapho zizodwa. Fundisa izingane zakho ukuba zithande uNkulunkulu ngokuba yisibonelo kuzo, njengoba nje noNkulunkulu efundisa ngesibonelo.—Funda uDuteronomi 6:5-7; Efesu 4:32; 5:1.