Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Halfpoint Images/Moment via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Isikhulu Sezempilo Sixwayisa Ngomthelela Omubi Izinkundla Zokuxhumana Ezinawo Ezinganeni—Lithini IBhayibheli?

Isikhulu Sezempilo Sixwayisa Ngomthelela Omubi Izinkundla Zokuxhumana Ezinawo Ezinganeni—Lithini IBhayibheli?

 Mhla ka-23 Meyi, 2023, isikhulu sezempilo e-United States saxwayisa umphakathi ngomthelela omubi izinkundla zokuxhumana ezinawo ezinganeni eziningi.

  •   “Nakuba izinkundla zokuxhumana zibuye zibe usizo kwenye intsha, kunobufakazi obucacile obubonisa ukuthi ezokuxhumana zingaba ingozi enkulu engqondweni nasempilweni yezingane noma yentsha.”—Ibhuku i-Social Media and Youth Mental Health: The U.S. Surgeon General’s Advisory, 2023.

 Leli bhuku lacaphuna ucwaningo olwenza kube sobala ukuthi kungani kufanele isikhathaze le ndaba.

  •   Izingane ezineminyaka ephakathi kuka-12 no-15 “ezichitha amahora angaphezu kwamathathu ngosuku kwezokuxhumana, maningi amathuba okuba zibe nezinkinga ezihlobene nengqondo, okuhlanganisa ukuba nezimpawu ze-depression nokukhathazeka.”

  •   Lapho izingane ezina-14 “zisebenzisa kakhulu ezokuxhumana, ngokuvamile ziba nenkinga yokulala, yokuhlukunyezwa ku-inthanethi, yokuzenyeza ngomzimba wazo, yokuzizwa zingelutho, kanye nokuhlale zidangele, okuyizinto ezivame kakhulu ukwenzeka ezinganeni zamantombazane.”

 Abazali bangazivikela kanjani izingane zabo? IBhayibheli lingasiza.

Lokho abazali abangakwenza

 Ungasongi izandla. Uma ungumzali, cabanga ngezingozi bese unquma ukuthi ingane yakho izozisebenzisa yini ezokuxhumana noma cha.

 Uma uyivumela ingane yakho ukuba isebenzise ezokuxhumana, ziphaphamele izingozi ezingaba khona, uhlale wazi ukuthi ingane yakho yenzani ku-inthanethi. Kanjani?

 Vikela umntanakho ezintweni eziyingozi. Yiqeqeshe ingane yakho ukuze ibone into eyingozi futhi iyigweme.

  •   Okushiwo iBhayibheli: “Ukuziphatha kabi ngokocansi nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, . . . noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma amahlaya angcolile.”—Efesu 5:3, 4.

  •   Ukuze uthole amacebiso amahle, funda isihloko esithi “Ukufundisa Ingane Ukusebenzisa Kahle Ezokuxhumana.”

 Beka imithetho. Ngokwesibonelo, shaya imithetho, ingane yakho kufanele yazi ukuthi izisebenzisa nini nokuthi izozisebenzisa isikhathi esingakanani ezokuxhumana.