Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

UJohane 14:6​—“Mina Ngiyindlela Neqiniso Nokuphila”

UJohane 14:6​—“Mina Ngiyindlela Neqiniso Nokuphila”

 “UJesu wathi kuye: ‘Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.’”—Johane 14:6, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “UJesu waphendula, ‘Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.’”—Johane 14:6, I-New International Version.

Incazelo kaJohane 14:6

 Umuntu ofuna ukukhonza uBaba, uJehova a uNkulunkulu, kumelwe ayiqaphele indima ebalulekile kaJesu.

 “Ngiyindlela.” UJesu ‘uyindlela’ evumelekile yokuya kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, labo abathandaza kuNkulunkulu kumelwe bathandaze egameni likaJesu. (Johane 16:23, 24) Ukufa kukaJesu kwenza abantu bakwazi ukubuyisana noNkulunkulu noma ukuphinde bamukeleke kuye. (Roma 5:8-11) UJesu uphinde abeke isibonelo sendlela okufanele baziphathe ngayo bonke abafuna ukujabulisa uNkulunkulu.—Johane 13:15.

 “Ngiyiqiniso.” UJesu wayehlale ekhuluma iqiniso elivela kuNkulunkulu futhi eziphatha ngendlela ehambisana nalo. (1 Petru 2:22) Lapho umuntu emlalela, wayengafunda iqiniso ngoNkulunkulu. (Johane 8:31, 32) UJesu ‘wayeyiqiniso’ nangokuthi wagcwalisa iziprofetho zeBhayibheli. Ngokwenza kanjalo, wenza lokho uNkulunkulu ayekuthembisile kwafezeka.—Johane 1:17; 2 Korinte 1:19, 20; Kolose 2:16, 17.

 “Nokuphila.” UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze labo ababa nokholo kuye bathole ukuphila okuphakade. (Johane 3:16, 36) ‘Uwukuphila’ nakulabo abashonile, ngoba uzobavusa ekufeni.—Johane 5:28, 29; 11:25.

 “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” Labo abafuna ukusondelana noNkulunkulu kufanele bayamukele indima kaJesu eyingqayizivele. Bayamukela ngokuthi lapho bethandaza kuNkulunkulu bathandaze egameni likaJesu, ngaleyo ndlela bebonisa ukuthi bayaliqaphela igunya likaJesu Kristu. (Johane 15:16) Bayavuma nokuthi nguJesu kuphela owenze saba sethubeni lokuthola insindiso.—IzEnzo 4:12; Filipi 2:8-11.

Umongo kaJohane 14:6

 Izahluko 13 no-17 zencwadi kaJohane zineseluleko sokuvalelisa uJesu asinika abafundi bakhe abathembekile abangu-11 ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. Esahlukweni 14, uJesu ukhuthaza abafundi bakhe ukuba babe nokholo kuye nakuYise, babathande futhi babahloniphe. (Johane 14:1, 12, 15-17, 21, 23, 24) Wembula nokuthi wayesondelene kakhulu noYise futhi basasondelene. (Johane 14:10, 20, 28, 31) Nakuba uJesu ayesezobuyela ezulwini, waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi wayengeke abalahle. (Johane 14:18) Wathembisa nokubathumela ‘umsizi’ amchaza ngokuthi “umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami.” (Johane 14:25-27) Ngale ndlela nangezinye, uJesu walungiselela abafundi bakhe ukubhekana nezinselele ezaziseza.