Dlulela kokuphakathi

Kungani Sithandaza Egameni LikaJesu?

Kungani Sithandaza Egameni LikaJesu?

Impendulo YeBhayibheli

Kumelwe sithandaze kuNkulunkulu egameni likaJesu ngoba lena ukuphela kwendlela uNkulunkulu ayamukelayo yokusondela kuYe. UJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) UJesu waphinde wathi kubaphostoli bakhe abathembekile: “Ngiqinisile impela ngithi kini, uma nicela noma yini kuBaba uyoninika yona egameni lami.”—Johane 16:23.

Izizathu ezengeziwe zokuthandaza egameni likaJesu

  • Sidumisa uJesu noYise, uJehova uNkulunkulu.—Filipi 2:9-11.

  • Sibonisa ukuthi siyakwazisa ukufa kukaJesu njengelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso.—Mathewu 20:28; IzEnzo 4:12.

  • Siyayiqaphela indima kaJesu ekhethekile njengoMlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu.—Hebheru 7:25.

  • Siyayihlonipha inkonzo kaJesu njengomPristi Ophakeme ongasisiza sizuze ukuma okuhle noNkulunkulu.—Hebheru 4:14-16.