Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngenkululeko Yokuzikhethela? Ingabe UNkulunkulu Olawulayo?

Lithini IBhayibheli Ngenkululeko Yokuzikhethela? Ingabe UNkulunkulu Olawulayo?

Impendulo yeBhayibheli

UNkulunkulu usinika isithunzi ngokusinika inkululeko yokuzikhethela, amandla okuzenzela izinqumo kunokuba kube nguye onquma kusengaphambili lokho esizokwenza. Cabanga ngalokho okufundiswa iBhayibheli.

  • UNkulunkulu wadala abantu bokuqala ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26) Ngokungefani nezilwane, ezenza izinto ngoba ziqhutshwa umuzwa wemvelo, thina silingisa uNkulunkulu ngokuba nezimfanelo ezinjengothando nobulungisa. Futhi njengoMdali wethu, sinenkululeko yokuzikhethela.

  • Ngokwezinga elithile, siyakwazi ukuhlela ikusasa lethu. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sikhethe ukuphila ngokulalela izwi likaNkulunkulu,’ okusho ukukhetha ukulalela imiyalo yakhe. (Duteronomi 30:19, 20) La mazwi abengeke asho lutho, futhi abeyobe anonya, uma besingenayo inkululeko yokuzikhethela. Esikhundleni sokusiphoqa ukuba senze lokho akushoyo, uNkulunkulu uyasincenga: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula.”—Isaya 48:18.

  • Ukuphumelela nokungaphumeleli kwethu akunqunywa kusengaphambili. Uma sifuna ukuphumelela kufanele sisebenze kanzima. IBhayibheli lithi: “Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho.” (UmShumayeli 9:10) Liphinde lithi: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa.”—IzAga 21:5.

Inkululeko yokuzikhethela iyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu, ngoba isenza sikwazi ukumthanda “ngayo yonke inhliziyo” yethu—ngokuzithandela.—Mathewu 22:37.

Kanti akuyena yini uNkulunkulu olawula zonke izinto?

IBhayibheli lithi uNkulunkulu unguMninimandla Onke, amandla akhe awanakuvinjwa umuntu. (Jobe 37:23; Isaya 40:26) Noma kunjalo, amandla akhe akawasebenziseli ukulawula yonke into. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘wazithiba’ ngeBhabhiloni lasendulo, isitha sabantu bakhe. (Isaya 42:14) Ngendlela efanayo, okwamanje, ukhetha ukubabekezelela labo abasebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzikhethela ukuze balimaze abanye. Kodwa uNkulunkulu ngeke ababekezelele kuze kube phakade.—IHubo 37:10, 11.