Genesise 1:1-31

  • Ukudalwa kwamazulu nomhlaba (1, 2)

  • Izinsuku eziyisithupha zokulungisa umhlaba (3-31)

    • Usuku lokuqala: ukukhanya; imini nobusuku (3-5)

    • Usuku lwesibili: umkhathi (6-8)

    • Usuku lwesithathu: umhlabathi owomile nezitshalo (9-13)

    • Usuku lwesine: izinkanyiso emkhathini (14-19)

    • Usuku lwesihlanu: izinhlanzi nezinyoni (20-23)

    • Usuku lwesithupha: izilwane zasemhlabeni nabantu (24-31)

1  Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. +  Umhlaba wawungenalutho, ungenaso isimo esithile, kukhona ubumnyama emanzini ajulile,* + futhi umoya kaNkulunkulu* + wawehla wenyuka phezu kwamanzi. +  UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. +  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, waqala ukuhlukanisa ukukhanya nobumnyama.  UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi iMini, wabiza ubumnyama ngokuthi uBusuku. + Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lokuqala.  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi + phakathi kwamanzi futhi amanzi ahlukane phakathi.” +  UNkulunkulu wabe esenza umkhathi, wahlukanisa amanzi angaphansi komkhathi namanzi angaphezu komkhathi. + Kwaba njalo.  UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi iZulu.* Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesibili.  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Amanzi angaphansi kwamazulu mawaqoqane ndawonye, kuvele umhlabathi owomile.” + Kwaba njalo. 10  UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomile ngokuthi uMhlaba, + kodwa amanzi aqoqene ndawonye wawabiza ngokuthi iziLwandle. + UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. + 11  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawenze ukuba kuhlume utshani, izinto ezimilayo eziveza imbewu, izihlahla zezithelo ngezinhlobo zazo, ezithela izithelo kanye nembewu emhlabeni.” Kwaba njalo. 12  Umhlaba waqala ukuveza utshani, izinto ezimilayo eziveza imbewu + nezihlahla ezithela izithelo kanye nembewu, ngezinhlobo zako. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 13  Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesithathu. 14  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Makube khona izinkanyiso + emkhathini wamazulu zihlukanise imini nobusuku, + zizoba izimpawu ezihlukanisa izinkathi, izinsuku neminyaka. + 15  Zizoba izinkanyiso emkhathini wamazulu zikhanyise phezu komhlaba.” Kwaba njalo. 16  UNkulunkulu wabe esenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini + nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku kanye nezinkanyezi. + 17  UNkulunkulu wazibeka emkhathini wamazulu ukuba zikhanyise phezu komhlaba 18  nokuba zibuse emini nasebusuku futhi zihlukanise ukukhanya nobumnyama. + UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 19  Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesine. 20  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale izilwane eziphilayo,* kundize izilwane* ezindizayo phezu komhlaba emkhathini wamazulu.” + 21  UNkulunkulu wabe esedala izilwane* ezinkulu zasolwandle nazo zonke izilwane* eziphilayo ezihambayo, zagcwala emanzini ngokwezinhlobo zazo, nazo zonke izilwane ezindizayo ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 22  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani nande nigcwalise amanzi olwandle, + futhi izilwane ezindizayo mazande emhlabeni.” 23  Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesihlanu. 24  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane* eziphilayo ngezinhlobo zazo, izilwane ezifuywayo nezilwane ezihuquzelayo* nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” + Kwaba njalo. 25  UNkulunkulu wabe esenza izilwane zasendle zomhlaba ngezinhlobo zazo nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo nazo zonke izilwane ezihamba emhlabathini ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 26  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Masenze + umuntu ngomfanekiso wethu, + afane nathi, + athotshelwe izinhlanzi zolwandle, izilwane ezindizayo zamazulu, izilwane ezifuywayo nayiwo wonke umhlaba nazo zonke izilwane ezihamba emhlabeni.” + 27  UNkulunkulu wabe esedala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane. + 28  Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wababusisa wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba + niwunqobe, + nithotshelwe + izinhlanzi zolwandle nezilwane ezindizayo zamazulu nazo zonke izilwane eziphilayo ezihamba emhlabeni.” 29  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi: “Ngininike zonke izinto ezimilayo eziveza imbewu ezikuwo wonke umhlaba nazo zonke izihlahla ezinezithelo eziveza imbewu. Mazibe ukudla kini. + 30  Zonke izilwane zasendle zomhlaba nazo zonke izilwane ezindizayo zamazulu nayo yonke into ehamba emhlabeni okukhona kuyo ukuphila, konke ngikunike izinto ezimilayo ukuba zibe ukudla kwako.” + Kwaba njalo. 31  Ngemva kwalokho uNkulunkulu wakubona konke ayekwenzile, kwakukuhle kakhulu. + Kwaba khona ukuhlwa kwaba khona ukusa, usuku lwesithupha.

Imibhalo yaphansi

Noma, “anyakazayo.”
Noma, “amandla kaNkulunkulu asebenzayo.”
Noma, “iSibhakabhaka.”
Noma, “imiphefumulo.”
Noma, “izidalwa.”
Noma, “izilo.”
Noma, “imiphefumulo.”
Noma, “imiphefumulo.”
Noma, “nezilwane ezihambayo,” ngokusobala ezihlanganisa nezinwabuzelayo nezinhlobo zezilwane ezihlukile kwezinye.